INHLANGANO eyengamele ukhetho ezweni, i-Independent Electoral Commission (IEC), ikuchithile ukuthi ibe nesandla engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC.
Ikusho lokhu emva kokusabalala kwemibhalo ezinkundleni zokuxhumana ebisola isikhulu esiphezulu kwi-IEC, uMnuz Sy Mamabolo, ngokuba nesandla emiphumeleni yengqungquthela eguqiswe okwesikhashana ngoLwesibili.
Imibhalo efakwe ezinkundleni zokuxhumana isola ukuthi uMamabolo ugwazelwe ngezigidi zamaRandi ukuze enze isiqiniseko sokuthi uMengameli Cyril Ramaphosa, uthola ihlandla lesibili lokuhola i-ANC.
URamaphosa wehlule uDkt Zweli Mkhize embangweni wokuhola i-ANC.
Okhulumela i-IEC, uNksz Kate Bapela, uthe imibhalo esabalele ezinkundleni zokuxhumana ingamampunge.
UNksz Bapela uthe i-IEC ibingeyona ingxenye yokusingathwa kwengqungquthela ye-ANC.
“Sifisa ukukugcizelela ukuthi siyinhlangano ejutshwe ukuba iqinisekise intando yeningi nokuvikelwa koMthethosisekelo, asibi yingxenye yokhetho lwangaphakathi emanqenjini ezepolitiki. Ukuzibandakanya nokhetho lwangaphakathi ezinhlanganweni zepolitiki kuphambene nemigomo yethu.”
I-ANC inenhlangano yayo eyisingathela ukhetho lwangaphakathi.
UNksz Bapela uthe lezi zinsolo zibucayi, bazothathela izinyathelo labo abazifakile ezinkundleni zokuxhumana.
“Sizimisele ukusebenza nezinhlaka zezokuphepha ukuphenya zonke izigameko zokudukisa abantu ezinkundleni zokuxhumana. Emva kokwanda kwezigameko zokudukisa abantu ezinkundleni zokuxhumana, sanquma ukusebenzisana nehlangano eqapha ukusebenza kwabezindaba, iMedia Monitoring, ukuphenya lezi zigameko.”
UNksz Bapela uthe balindele ukuthi zande izigameko zalolu hlobo njengoba sekusondele ukhetho lukazwelonke, oluzokuba ngo-2024.
“Sinxusa abantu bakuleli ukuthi baqaphele, bangakholwa noma yini. Sinxusa ukuthi babike yonke imiyalezo esolisayo abayitholayo. Bangayibika kwi-IEC noma emaphoyiseni.”
UNksz Bapela uthe akusikhona okokuqala bebhekana nale nkinga njengoba kunomuntu osanda kuzenza uMamabolo ezinkundleni zokuxhumana.