ELINYE lamabhange abalwa naphambili kuleli, iFirst National Bank (FNB), ngoLwesithathu lethule ubuchwepheshe obusha obuzovumela abantu ukuthi bavule ama-akhawunti ngesithombe sobuso, phecelezi i-Selfie.
Ekhuluma ehhovisi elikhulu lakwa FNB eSandton, uMnuz Jacques Celliers oyisikhulu esiphezulu kuleli bhange, uthe ubuchwepheshe be 'Selfie' indlela yabo entsha yakamuva kokuthi baqede ukusetshenziswa kwamaphepha ebhange.
Uthe ubuchwepheshe beSelfie obuzotholakala kwi-App yakwa FNB kuzokwenza leli bhange lehluke kwamanye. Kuthathe izinyanga ezingu-18 nabantu abangaphezulu kuka 500 ukwakha lobu buchwepheshe. Uthe ibhange liphinde lasebenzisana noMnyango wezaseKhaya ukuze lobu buchwepheshe obusha busebenze ngendlela.
UBUCHWEPHESHE obusha bakwa-FNB obuvumela amakhasimende abhalise i-akhawnti ngesithombe sobuso esibizwa nge-selfie. Isithombe: Siphelele Dludla/ANA
Ngalobu buchwepheshe amakhasimende amasha namadala akwaFNB asengakwazi ukufaka izithombe zawo kwi-App yakwa FNB bese icosha ulwazi ngabo. Le App isebenzisana noMnyango wezaseKhaya kanti isebenzisa uGoogle Maps ukuqinisekisa indawo ohlala kuyo, nokuzoqeda isidingo sezincwadi ezifakazela indawo ohlala kuyo.
Isikhulu esiphezulu samaBhizinisi akwaFNB uMnuz Mike Vacy-Lyle uthe imboni yezobuchwepheshe ikhula ngesivinini esihle eNingizimu Afrika, waveza nokuthi ezokuphepha kwi-App yakwa FNB ziqine kakhulu kunokugcwalisa amaphepha. Uqhube washo nokho ukuthi ayikho into ephephe ngokuphelele kubukhonyovu.