AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aqinisekise ukufa komsolwa oyedwa onukwa kwelokugetshengwa kwemoto yemali kuN2 eningizimu yeTheku ngoLwesibili ekuseni.
Lo msolwa usale enkundleni edubulana namaphoyisa eGlenwood ngoLwesibili emini.
Amaphoyisa alandele umkhondo wabasolwa ngemuva kokuba babaleke besuka endaweni okugetshengwe kuyo imoto yemali nokuyilapho abone khona imoto ehlonzwe njengenye ebisetshenziswa abasolwa emgwaqweni eGlenwood.
“Amaphoyisa azame ukuyimisa imoto kodwa abasolwa bevulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni. Umsolwa oyedwa udutshulwe wafa omunye waphuthunyiswa esibhedlela enamanxeba okudutshulwa,” kusho uColonel Robert Netshiunda.
Uthi uphenyo lokuqala luveza ukuthi laba basolwa bathinteka ecaleni lokubulawa kwabathathu endaweni yaseNtambanana ngoJanuwari nonyaka namanye amabili okubulala enzeka ngoJuni 2024 kuyo le ndawo.
“Kubuye kwatholakala enye imoto ebisetshenziswa esigamekweni sasekuseni kugetshengwa imoto yemali. Kuthiwa le moto idunwe KwaMakhutha yasetshenziswa kulobu bugebengu yatholakale ilaxazwe eMarianhill kukhona nokubonakala njengezikhwama zemali phakathi.”
Uthi amaphoyisa asaphenya ngalokhu.