YIZE indawo yaseNanda, idume ngobugebengu obuphezulu nezidakamizwa kodwa konke lokho akuthi ndiki kuNkk Thembi Ndlovu, onguthishanhloko wesikole samabanga aphezulu samantombazane, iNanda Seminary.
UNkk Ndlovu onesipiliyoni kwezemfundo, uthe waqala ukusebenza kulesi sikole ephuma ekolishi waveza nokuthi amava akhe yiwo amsize ukuthi aze afinyelele lapho ekhona manje. Uthe into azigqaja ngayo kakhulu ukuqinisekisa ukuthi izingane zifinyelela kalula emfundweni esezingeni.
Ekhuluma neSolezwe, uthe wenza ngakho konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi izingane ezifunda kulesi sikole ziyavikeleka.
“Isikole engisengamele sisendaweni edlange kakhulu ngobugebengu kodwa senza ngakho konke okusemandleni ukubeka ukuphepha kwezingane eqhulwini. Sinocingo lukagesi esibiyele ngalo nhlangothi zonke. Futhi njengoba kuba nesiphithiphithi ehhostela eliseduze nesikole, saphinde salikhuphula ucingo esibiyele ngalo ukuze izinkinga singabi nazo,” kusho uNkk Ndlovu.
Uthe noma kuke kwaba nesigameko lapho kwangena khona abafana ngo-2022, kodwa akekho owalimala.
“Enye into esisizayo ukuthi kunabasebenzi besikole abahlala ngaphakathi abenza izinto zibe lula kithina. INanda iyindawo enobugebengu nokuletha ukukhathazeka kubazali ngokuphepha kwamadodakazi abo. Njengesikole senza isiqiniseko sokuthi sikhuthaza ubudlelwano obuqinile nomphakathi futhi sibambe iqhaza elikhulu emaqenjini abeka phambili ezokuphepha endaweni. Ngizibophezele ukugcina isikole siphephile,” usho kanje.
Uthe uxhaso abaluthola kuMotsepe Foundation lwenza ukuthi baqinise izingxenye ezithile zesikole.
“Lo mnikelo womusa wasivumela ukuba sithuthukise izindlela zethu zokuphepha, okuhlanganisa ukufaka amakhamera okuqapha eduze kwesikole kanye nokwengeza ucingo lukagesi lokubiya eduze kwalolu olukhona. Ukuze siqhubeke nokuqinisa imizamo yethu, sisungule ukugada okungahleliwe kwe-SAPS kanye nophiko lokuphendula ngezikhali enkampanini yethu yonogada. Lezi zinyathelo ezihlanganisiwe zibonisa ukuzibophezela kwethu okungantengantengi ekuhlinzekeni indawo ephephile nevikelekile emphakathini wethu wesikole,” ubeke kanje.
Uthe uzibophezele ekugcineni umgqigqo wesikole usezingeni njengoba wathatha izintambo komunye obese enguthishanhloko iminyaka engu-20 kuso lesi sikole.