USIHLALO we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala, uthi i-EFF yayihlose ukubhebhethekisa umlilo woqhekeko kwi-ANC ngesenzo sayo sokuyophunga itiye nowayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma.
Uhambo lwe-EFF lwalandela isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo, esasiphoqa uZuma ukuba ayovela phambi kwekhomishini ephenya ngokulawulwa koMbuso yidlanzana.
UZikalala uthe ithimba le-EFF, elaliholwa umholi weqembu uMnuz Julius Malema, lalingayile ukuyokweseka uZuma, kepha lalizidlalela ipolitiki.
Ethula inkulumo yokuvula ilekgotla yesifundazwe uZikalala, uthe i-EFF vele amavoti iwacosha ngokudunga izingqondo zabantu.
“Vele i-EFF iyathanda ukugxambukela ezinkingeni ze-ANC, ukuze izizuzise yona. Inhloso yohambo lwabo kwakuwukwandisa ukudideka ngaphakathi kwi-ANC. Babefuna ukuziveza njengabantu abanesisombululo kule nkinga. Kodwa iqiniso lithi abanaso isisombululo, babefuna nje ukuyozifezela izinhloso zabo.
“I-EFF iyingozi kwi-ANC ngenxa yokuthi uma igaya ivoti igxila kakhulu entsheni nakumalungu e-ANC aselahlekelwe ithemba. Ukukhula kwabo bafuna ukukuthola ngokuntshontsha amalungu e-ANC.
“Umhlangano wabo noZuma kufanele siwubheke ngalelo so. Loya mhlangano wawungeve ungokuzwelana kwabo noZuma, kepha kwakuwukuyobhebhethekisa amalangabi oqhekeko kwi-ANC.”
Ekhuluma kulo mhlangano wezinsuku ezimbili, uZikalala uthe bazolokhu bezama ukucela uZuma ukuba ashintshe umqondo, aye kovela kule khomishini.
“Nakuba siziqonda izizathu ezibekwa uZuma ngokungavumi kwakhe ukuvela phambi kwekhomishini, kepha siyakholelwa ekutheni kufanele umthethosisekelo uhlonishwe.
“Yingakho sithi ubuholi besifundazwe nobukazwelonke, kufanele buqhubeke nokuxoxisana naye. Lolu daba luzokuba nomthelela kwi-ANC esifundazweni nakuzwelonke. Baningi kakhulu abantu abakholelwayo kuZuma. Baningi abantu ashintsha impilo yabo. Yingakho lolu daba kufanele luphathwe ngobunono.”
Lo mhlangano ohanjelwe izithunywa ezisuka ebuholini be-ANC kuzwelonke, esifundazweni nasezifundeni, kulindeleke ukuthi uphothulwe namhlanje.
Kuwona kuzodingidwa izindaba eziningi okubalwa ukulungiselela ukhetho lohulumeni basekhaya nomthelela wokubheduka kobhubhane iCorona.
Phakathi kwalabo abazokwethula izinkulumo, kubalwa noNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma.