BAYALELWE ukuba behle ezikhundleni abaholi be-EFF abahluleka ukuqasha amabhasi ayezothutha abantu ababeya emcimbini wokugubha iminyaka eyishumi kwasungulwa le nhlangano.
Isinqumo sokuthi laba baholi behle ezikhundleni sithathwe emhlanganweni wesigungu esiphezulu kwi-EFF obungempelasonto.
Lokhu kumenyezelwe umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, obekhuluma nabezindaba emva kwalo mhlangano wezinsuku ezimbili.
UMalema uthe bavumelane ngokuthi abaholi abangaphezu kuka-200 bayalelwe ukuthi behle ezikhundleni.
“Kucacile ukuthi laba bantu akusibona abantu bokuthenjwa. Bahlulwe ukwenza into elula. Yini engenza ukuthi sibathembe ngokuthi bazokwazi ukulwela ukushintsha impilo yabantu uma behlulwa ukwenza into elula kangaka? Bazokwehla kuzo zonke izikhundla abaziphethe. Uma kuwukuthi bayayithanda i-EFF bazoqhubeka nokuba amalungu ajwayelekile. Uma kuwukuthi bebezele izikhundla, bazohamba.
“Sibone kungcono ukuthi sibayalele ukuthi behle ezikhundleni ukuze bengaveli phambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe. Phambi kwekomiti eliqondisa bekungenzeka noma yini. Bebengazithola bexoshwa eqenjini noma kumiswa ubulungu babo.”
Phakathi kwalaba baholi kukhona amalungu ePhalamende, eziShayamthetho namakhansela.
UMalema uthe abaholi bayalelwe ukuba basule ezikhundleni ngokuphazima kweso.
“Labo abazozama ukugoloza ukwehla ezikhundleni bazobhekana nokuqondiswa ubugwegwe baphinde baxoshwe ngokushesha. Kwi-EFF angeke siwabekezelele amagwala.”
UMalema uthe akanalo noluncane uvalo lokuthi ukwehliswa ezikhundleni kwala malungu kungase kuphazamise umkhankaso wokhetho njengoba kuzokuba nokhetho lukazwelonke ngonyaka ozayo.
“Yini nje engenza ukuthi sisabe umuntu owahlulwa ukuqasha ibhasi elilodwa? Yini nje into engenziwa umuntu owahlulwa ukuqasha ibhasi elilodwa. Lapha sehlisa ezikhundleni abantu abangu-200, lapho sinabaholi abajutshwe ezikhundleni abangaphezu kuka-1 000. Kulungile bahambe laba abangu-200 abangamavila, sisale nabangu-900 abasebenza ngokuzikhandla. Akukho nkinga, sizoqhubeka sisebenze kahle.”
UMalema uphinde waveza ukuthi bazowuphonsela inselelo umbiko weBhange loMbuso, i-SA Reserve Bank, okhiphe phambili umengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa, odabeni lokwebiwa kwemali eyamadola aseMelika epulazini likaRamaphosa eliseLimpopo.
Umbiko wathola ukuthi akukho okuphambene nomthetho okwenziwa uRamaphosa.
UMalema uthe lo mbiko bazowuphonsela inselelo enkantolo.
“Kusobala ukuthi kusetshenziswa izinhlaka zoMbuso ukuvikela indoda eyodwa ekhohlakele.”