I-EFF isinobuholi obusha KwaZulu-Natal kulandela ukuphenduka kwamatafula engqungqutheleni yokukhetha ubuholi besifundazwe.
Ilungu lesiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnuz Mongezi Twala, likhethwe laba ngusihlalo omusha we-EFF KwaZulu-Natal engqungqutheleni eqhubeka eThekwini.
UTwala, obekade eyiphini likasihlalo we-EFF eKZN ngaphambi kwengqungquthela, wehlule uMnuz Vusi Khoza ngamavoti angu-973 kwangu-610 embangweni wokuhola i-EFF esifundazweni.
Imiphumela yengqungquthela imenyezelwe ngeSonto ekuseni.
Iphini lemeya kuMasipala waseMhlathuze, uMnuz Nkululeko Ngubane, lona likhetghelwe kwesokuba njengunobhala we-EFF eKZN.
UNksz Thobisile Nkosi ukhethwe esikhundleni sokuba yiphini likasihlalo, kwathi uNksz Hlengiwe Chiliza wakhethwa waba yiphini likanobhala.
Owaduma ngesikhathi semibhikisho yemfundo yamahhala ezikhungweni zemfundo ephakeme, uMnuz Chuma Wakeni, ukhethelwe ukuba ngumgcinimafa.
Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, uzokwethula inkulumo yokuvala ingqungquthela namuhla ngeSonto emini.