I-DA ithe ngeke ikwazi ukungena esixaxeni samaqembu uma kukhona i-MK, EFF nePatriotic Alliance, kungamane kuyekwe. Lo mbandela uvezwe wuMnuz Werner Horn ekhuluma ne-SAfm.
Amaqembu amatasa nomshikashika wokuxoxisana ukuze kubunjwe uhulumeni wobumbano emuva kokuthi lingabanga khona iqembu elinqobe ngengcaca.
I-ANC iphunyukwe yizintambo zombuso yathola u-40%, nokuyiphoqa ukuthi ihambe iphaphatha emaqenjini ixoxa nawo ukuze kungenwe kuhulumeni.
UWerner uthe isigungu sabo esiphezulu sithathe isinqumo ngamaqembu okungase kusetshenzwe nawo.
“NgoMsombuluko isigungu esiphezulu sizonquma ngendlela eya phambili. Noma ngabe aneqhaza elincane kanjani la maqembu amathathu, ngeke sikwazi impela, sekuyoba nzima kithi,’’ kusho uWerner engacucuzi.
Kwenzeka lokhu nje uMengameli we-ANC uCyril Ramaphosa, ngoLwesine ebusuku umemezele ukuthi isigungu sabo esiphezulu sivumelane ngohulumeni wobumbano.
UWerner uthe kuyabakhathaza ukuthi uRamaphosa akachazanga kahle ngemicikilishi yohulumeni wobumbano akhuluma ngawo. IMK nePatriotic Alliance bangene okokuqala ePhalamende futhi bafike kwezwakala bathola izihlalo.
I-ANC ithe yona izimisele ngokuxoxa nawo wonke amaqembu izwe iziphakamiso zawo ngohulumeni.