UBUHOLI obuphezulu beDA KwaZulu-Natal namanye amalungu ayo bunqumele iSouth African Human Rights Commission (SAHRC) amasonto amabili ukuthi iphendule ngabagilwa yizikhukhula abasahleli emahholo omphakathi.
Ubuholi bebumashele ehhovisi lekhomishini eThekwini izolo buhambise uhlu lwezikhalo kwiziphathimandla.
Umholi weDA KwaZulu-Natal, uMnuz Francois Rodgers, uthe bafuna ikhomishini iphendule ungakashayi uNovemba 18 ukuthi iyiphi indlela ezongenelela ngayo ukuphenya nokuvikela abasahlaliswe emahholo omphakathi.
Uphinde wathi kufanele ikhomishini isho ukuthi yiziphi izinyathelo ezithathayo ukuxoxa nohulumeni wesifundazwe nokazwelonke ngalolu daba.
“Kufanele iphinde ichaze ukuthi yini ezoyenza ukwenza ngcono isimo sokuhlukumezeka kwabagilwa abazithola bephila ngaphansi kwaso. Sifuna yenze isimemezelo kubantu baKwaZuluNatal ukuthi yikuphi ezokwenza ngesimo,” kusho uRodgers.
URodgers wenze izinsolo zokuthi ikhomishini iqhwagiwe kulandela ukumziba kwayo odabeni oluthinta abakhahlanyezwa yizikhukhula.
Izikhukhula ezashiya inqwaba ingenazo izindawo zokuhlala bezingo-Ephreli nonyaka.
URodgers uthe waqala ngoJulayi ukuzama ukuthi ikhomishini ingenele ekunyathelweni kwamalungelo abakhahlamezeka kodwa imziba.
“Abagilwa bahlukumezekile. Kunezinkinga ezinzima ezibhekene nabo okukhona kuzo nezinkinga zamanzi ahlanzekile nokuthuthwa kwendle. Uhulumeni ubayekelele ukuthi bazibonele ukuthi benzenjani ngezidingo zabo. I-DA iyakholelwa ekutheni ikhomishini yehluleke yancama ukwenza umsebenzi wayo wokulwela amalungelo abantu uma kuza ngakubagilwa,” kusho uRodgers.
Uthe ngasekupheleni kukaJulayi uyibhalele ikhomishini eyinxusa ukuba ingenele, iphenye izimo abaphiliswa ngaphansi kwazo wuhulumeni.
“Ekuqaleni kuka-Agasti sithole i-email ebisho ukuthi bayitholile incwadi yethu, maqede kwathuleka. Kuphele izinyanga ezimbili saphinde sababhalela sibheka ukuthi sebehambe bafika kuphi neziphakamiso esazenza encwadini, babuyisa impendulo ethi asilethe ulwazi ngokwenzeka emahholo, okuyinto esasiyichazile encwadini yangoJulayi,” kusho uRodgers.
Uthe ngasekuqaleni kukaOkthoba baphinde bayibhalela ikhomishini, becela umhlangano nezikhulu zayo, bathola impendulo maphakathi no-Okthoba eyayithi, izikhulu zimatasa, maqede zangasho ukuthi yiluphi olunye usuku olungcono okungabanjwa ngalo umhlangano.
“Umbuzo omkhulu owokuthi kungani ikhomishini ingafuni ukubheka izikhalo eziphakanyiswa yiDA? Kungani ingawenzi umsebenzi wayo oshicilelwe kuMthethosisekelo wokulandelela ukuthi kungani uhulumeni engawenzi umsebenzi wakhe wokunakekela abagilwa?” kubuza uRodgers.
Isikhulu sezomthetho ehhovisi lekhomishini, uNkk Pavershree Padayachee, silwamukele uhlu lwezikhalo zeDA, sathembisa ukuthi ikhomishini izolubuyekeza.