ITHIMBA lesikhashana elihola uphiko lwentsha lwe-ANC, i-ANCYL, selunikezwe umnqamulajuqu wezinyanga eziyisithupha ukuba luhlalise ingqungquthela yokukhetha ubuholi obusha balolu phiko.
Lolu phiko oluqokwe ngeledlule, lubambe umhlangano walo wokuqala ngempelasonto, lapho isigungu esiphezulu se-ANC siwunikeze lo mnqamulajuqu wezinyanga eziyisithupha.
Ohola leli thimba uNksz Nonceba Mhlauli, uthe isigungu esiphezulu se-ANC sesinike leli thimba imigomo yalo yokusebenza.
“Eminye yaleyo migomo yokusebenza esiyinikwe i-ANC, ukuba sihlalise ingqungquthela yokukhetha ubuholi zingakapheli izinyanga eziyisithupha.”
UNksz Mhlauli ukusho lokhu ngesikhathi leli thimba linesithangami sabezindaba ekomkhulu le-ANC, iLuthuli House izolo.
Lo mnqamulajuqu uza emuva kwemizamo eminingi eyabhuntsha yokuhlalisa ingqungquthela yokukhetha ubuholi balolu phiko oseluhlale isikhathi eside lungenabuholi.
Isigungu esiphezulu salolu phiko esasiholwa uMnuz Collen Maine, sahlakazwa ngo-2019, ngenxa yakho ukwahluleka ukuhlalisa ingqungquthela yokukhetha ubuholi.
Kwabe sekukhethwa ithimba lesikhashana ngawo u-2019, elanikezwa umsebenzi wokuhlalisa ingqungquthela yalolu phiko, kodwa lahluleka lwancama ukwenza lokhu njengoba lugcine ngokuhlakazwa.
UNksz Mhlauli uvumile ukuthi ukuhlela ingqungquthela yalolu phiko akusiyo into encane.
“Kusobala ukuthi muningi umsebenzi osihlalele.”
Leli thimba livumile ukuthi i-ANCYL icwile obishini ngokwezezimali ngenxa yokuphathwa budedengu kwezimali kanye nokuntshontshwa kwempahla yalolu phiko ngabaholi abadala.
Leli thimba liwachithile amahlebezi okuthi luthathe isinqumo sokuhlakaza ubuholi bezifundazwe osebuphelelwe isikhathi.
Lithe umhlangano walo wokuqala bekungowokuthi bathole umbiko ngebanga elihanjwe ithimba elisanda kuhlakazwa, bese bephuma nomhlahlandlela.
Leli thimba libuye lamemezela ukuba kuqondiswe ubugwegwe amalungu esigungu esiphezulu se-ANC, uMnuz Enoch Godongwana kanye noMnuz Tony Yengeni.
La malungu kwaphoqwa ukuba akhishwe emhlanganweni wesigungu esiphezulu ngenyanga edlule owawubanjwe kusetshenziswa ezobuchwepheshe, emuva kokuba bezwakale ngephutha bekhuluma ezingcingweni ngokwakwenzeka emhlanganweni.
Kwaphinde kwasabalaliswa izinkulumo eziqoshiwe lapho kwakuklwebhana khona amalungu esigungu esiphezulu.
Leli thimba luthe i-ANC kuzofanele iqale uphenyo ngalokhu, bese kuqondiswa ubugwegwe labo abaputshuza le nkulumo.