OWAYENGUMENGAMELI wakuleli, uMnuz Jacob Zuma, ubona i-ANC ingeke ilibone elidlalayo okhethweni lukazwelonke oluzokuba ngonyaka ozayo.
UZuma owaba ngumengameli we-ANC amahlandla amabili, ukhwele wadilika ebuholini be-ANC obukhona, wathi buntekenteke.
UZuma uthe abantu abenelisekile ngobuholi obuphethe i-ANC, wathi lokho bazokukhombisa uma sekuvotwa.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emcimbini obuhlelwe yiSanco eMlaza izolo.
UZuma ongusihlalo weSanco KwaZulu-Natal, uthe abantu abaningi bavele bayasho ukuthi angeke bayivotele inhlangano ebusayo okhethweni oluzayo.
“Kukhona ifu elingase lisigubuzele ngonyaka ozayo uma singanakile. Iqiniso lelo. Uma lingase lisigubuzele ngempela, oTambo (owayengumengameli we-ANC, uMnuz Oliver) bayovuka emathuneni besibuze ukuthi senzeni.
“Abantu basitshela emehlweni ukuthi angeke bayivotele i-ANC, baze babeke nezizathu ezenza bathi angeke bayivotele. Angeke ngizisho izizathu abazibekayo, ngiyozisho ngelinye ilanga mhla ngikhankasa.”
UZuma unxenxe amalungu eSanco ukuba aqhamuke nezindlela zokusiza i-ANC ingahlulwa okhethweni.
“Kufanele siqhamuke nezindlela zokuthi le ngozi ezayo siyivika kanjani. Iyeza yona, siyathanda asithandi. Angithi nibonile la esifundazweni iKwaZuluNatal ngesikhathi kunokhetho lohulumeni basekhaya ukuthi kwenzekeni? Kwahamba inqwaba yomasipala. Manje nifuna kuhambe isifundazwe? Kunabantu abahlela ukuthatha isifundazwe.”
UZuma uthe izokuba nkulu inhlupheko ezweni uma i-ANC ingase iphunyukwe amandla ombuso.
Uphinde wakhala ngokuba ntekenteke kobuholi be-ANC kanjalo nobamadlelandawonye ayo, iCosatu neSACP.
“Bonke bantekenteke, ungaze ufunge ukuthi sibulewe.”
UZuma uthe abantu wayebaxwayisile ngobuholi obukhona ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC eyayingonyaka owedlule, wenza izinsolo zokuthi kwasebenza imali ukuthenga amavoti kuleyo ngqungquthela.
UZuma uthe uma ebona ukuthi i-ANC isiyashabalala uzonxenxa amalungu eSanco ukuthi avotele enye inhlangano.
“Ngiyonitshela ukuthi lo mgqomo esikade sifaka kuwona singabe sisafaka kuwona.”
UZuma uphinde wasebenzisa inkulumo yayizolo ukuzwakalisa ukungenami kwakhe ngokungahanjiswa kwezidingo.
UZuma ukhale ngokungakhelwa kwabantu izindlu, ukuhlupha kwamanzi nogesi. Uphinde wakhala nangokudayiswa kwezinkampani zikahulumeni.
Uthe abantu bakuleli akufanele bavume ukuthi i-Eskom idayiswe, wathi futhi abantu kufanele baziswe ukuthi ngobani laba abaguqise le nkampani ekhiqiza ugesi.