I-ANC izibophezele ekuqedeni ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga. Lesi sethembiso senziwe uMengameli wale nhlangano, uMnuz Cyril Ramaphosa, ngesikhathi ethula inkulumo eyaziwa ngeJanuwari 8, emcimbini wokugubha iminyaka engu-111 kwasungulwa i-ANC, eFree State, izolo.
Kwenyukile ukucishwa kukagesi kuleli muva nje, njengoba izolo izwe belingaphansi kwesigaba sesine nesesithathu sokucinywa kukagesi.
URamaphosa utshele abebehambele lo mgubho ukuthi bazimisele ngokuqeda ukucishwa kukagesi, wakhala ngokuthi kuphazamisa ukukhula komnotho.
“Izinkinga zikagesi esibhekene nazo njengamanje ziphazamisa ukukhula komnotho ziphinde ziholele ekulahlekeni kwemisebenzi. Ukucinywa kukagesi kuphazamisa ukusebenza kwamabhizinisi akuleli kuphinde kuphazamise impilo yabantu bakuleli. Akugcini lapho, kuphinde kuphazamise nokukhiqizwa kokudla.
“Kufanele sinciphise umthelela ongemuhle odalwa ukucishwa kukagesi, bese siyakuqeda ke nakho ukucishwa kwawo. I-Eskom kufanele ikwazi ukukhiqiza ugesi owanele wonke umuntu, futhi kufanele sazi ukuthi singathembela kuyona.”
URamaphosa uthe i-Eskom kufanele ibheke ezinye izindlela zokukhiqiza ugesi, waphinde wathi kufanele le nkampani iqashe abantu abazoqeda izinkinga ebhekene nazo.
“I-Eskom kufanele iqashe onjiniyela abazolungisa zonke izinkinga ezisezikhungweni zayo. Kufanele kuqashwe abantu abawaziyo umsebenzi, asibafuni abantu abangazi ukuthi benzani.”
URamaphosa uthe bafuna nokuthi kuthathelwe izinyathelo labo abaphazamisa ukusebenza kwe-Eskom.
Uthe i-ANC izokuba yingxenye yomkhankaso wokulwa nokuxhunywa kukagesi ngendlela engekho emthethweni.
“Kufanele siqede ngezinyokanyoka siphinde futhi sigqugquzele abantu ukuthi bakhokhele ugesi.”
Enkulumeni yakhe, uRamaphosa uphinde wathembisa ukuthi i-ANC izozakha kabusha. I-ANC isanda kusonga ingqungquthela yayo yokukhetha ubuholi, lapho uRamaphosa ethole ihlandla lesibili lokuhola le nhlangano.
URamaphosa uthe izithunywa ebezihambele ingqungquthela zikubeke kwacaca ukuthi zikhathele inkohlakalo, wathi azothathelwa izinyathelo amalungu e-ANC aphula umthetho, kubalwa nalawo achaphazelwa wumbiko wekhomishini ebiphenya ngezinsolo zokulawulwa koMbuso yidlanzana.
URamaphosa uphinde wachitha labo abathi i-ANC ingase yehlulwe okhethweni lukazwelonke oluzokuba ngonyaka ozayo.
Yize ethe i-ANC izolunqoba ukhetho oluzayo, kepha ugqugquzele amalungu enhlangano ukuba agqugquzele abantu ukuba baphume ngobuningi ukuyovota.
“Iqiniso ukuthi bancane kakhulu abantu abavotile kule minyaka eyedlule. Njengoba siya okhethweni lwango-2024, kufanele sinxenxe abantu ukuthi baye kovota. Ukwehluleka kwethu ukunxenxa abantu ukuthi baye kovota kungabeka engcupheni amathuba ethu okuvikela amavoti esinawo.”
Abephume ngobuningi bawo amalungu e-ANC ukuzolalela inkulumo kaRamaphosa.Inkundla, iDkt Petru Molemela, ibigcwele phama.