INHLANGANO ebusayo kuleli i-ANC ithi amalungu ayo nabo bonke abanye abantu mabazilungiselele ukujoyina umasingcwabisane osungulwe yile nhlangano.
Emlandweni wezepolitiki kuleli akukaze kuzwakale ukuthi kuneqembu elivula umasingcwabisane wamalungu alo.
Ngokwesitatimende esikhishwe yilowo okhulumela i-ANC kuzwelonke uMnuz Pule Mabe, lolu hlelo kuhloswe ngalo ukubhekelela izinkumbi zamalungu e-ANC nabanye abantu nje abangase bazwelane nayo.
Kuthiwa lo kube wumbono kamgcinimafa -jikelele uMnuz Paul Mashatile (osesithombeni). Umasingcwabisane uzoba ngaphansi kwegama i-ANC Membership Plus.
“Sizowacela amalungu enhlangano nalabo abayithandayo nje ukuba bajoyine ngoba lo masingcwabisane uza nohlelo olwehlukile kakhulu nezinto ezingajwayelekile. Kuhambisana nezinto ezifana negilosa nezinye izinhlelo,’’ kuchaza uMabe ngesitatimende.
Uthe kuzoba nabeluleki abazobe bebhekelele ukulekelela abantu ngezinto ezihlukene nabanemibuzo.
I-ANC ithi igabe ngokuthi lo masingcwabisane uzophinde uvumele amalungu ukuba afake namanye amalungu emindeni nezihlobo zawo.
Kuvele nokuthi abantu kufanele bakulungele ukuthi i-ANC izobathinta maduze ngocingo ibanxenxa ukuthi bajoyine lo masingcwabisane wayo.
Ithe futhi abantu izobachitha nezwe lonke behambe besebenza ibeke namahhovisi aqondene nalolu hlelo lwayo.
Ngesikhathi i-ANC imemezela lolu daba ekhasini layo likaFacebook kuchwaze inkundla kodwa kwehlukana imibono, abanye bethi abalwethembi lolu hlelo lwayo kodwa abanye bencoma uMashatile ngobuhlakani bakhe bokuqhamuka nalolu hlelo.
UThulasizwe Austine uthe ibambe ngakho impela, uyalujabulela uhlelo lukamasingcwabisane.
“Thina namalungu nemindeni yethu sesizokwazi ukuba nomasingcwabisane okahle. Silushayela ihlombe lolu hlelo,’’ kuphawula u-Austine.
UBoysie Maphupho Linono, ubhale wathi ngeke kulunge ukuthi abantu bajoyine umasingcwabisane kaKhongolose
“Ngiyilungu impela elinekhadi kodwa ngeke ngithathe imali engiyijulukele mina ngiyifake kwi-ANC. Indlela engineseka ngayo ngevoti lami yanele, okunye cha angikwenzi,” usho kanje.