OWESILISA waseShowe, usola uMasipala waseNkandla, ngokuba yimbangela yokushona komkakhe, athi ushone elwa eyencwadi ekokoteliwe yokwesula emsebenzini.
Umufi uNkk Zandile Madlala, kuthiwa ushone ngoJuni 2023, ngemva kokuphuma engena ezibhedlela isikhathi eside.
Ngokusho komyeni wakhe uMnuz Dumisani Madlala, konke kuqale ngo-2021, umufi engenwa ukugula.
“Uhlale ekhaya engayi emsebenzini kusuka ngo-Okthoba 2021 kwaze kwaba uJuni 2022, elandela umyalelo kadokotela. Lesi sikhathi udokotela ubuye wazengenza ngezinsuku, kubonakala ukuthi akakalulami,” kuchaza uMadlala.
Uqhube wathi bekunguJulayi 2022, bethola ukuthi kunesikhangiso sesikhundla sakhe kwelinye lamaphephandaba.
“Lokhu kwasithusa ngoba akukho umqashi ayemtshele khona,” kusho uMadlala.
Uthe baqae ukusukuma ngo-Agasti 2022, ngesikhathi ungasangeni umholo womkakhe. Uthi bathi uma beya kumasipala, umphathi wakwandaba zabantu wabatshela ukuthi ufake incwadi yokwesula umufi.
“Wehluleka ukusikhombisa leyo ncwadi yokwesula ngaso leso sikhathi. Sathi uma sesiyithola ngokuqhubeka kwesikhathi, sathola ukuthi ine-signature ekokotelwe futhi ngosuku okuvela ukuthi yahanjiswa ngalo, umkami wayesesibhedlela,” kulandisa uMadlala.
Uthe ngemva kokwenziwa kophenyo abakwa-bargaining council, banquma ukuthi abuyiselwe umkakhe emsebenzini, aphinde akhokhelwe yonke imali yezinyanga lapho umqashi ayesemthatha khona njengomuntu osesulile emsebenzini.
Uthe umsipala wakhokha ingxenye yemali, enye yagcina ingakhokhwanga.
“Ngokungambuyiseli kwabo emsebenzini, sagcina singabi nawo amandla okukhokhela zindleko zesibhedlela esizimele. Wagcina elala kwesikahulumeni, esasikhala ngokungabi nayo eminye imishini yokubhekana nesimo sakhe,” kuqhuba uMadlala.
Uthe waphetha ngokushona umkakhe. Uthe ngisho eseshonile kunezimali zemishwalensi ezagcina zinqwamba ngenxa yenkinga.
“Ngisola umasipala ngokufa kwakhe. Ukube abenzanga incwadi ekokoteliwe yokumesulisa emsebenzini engazi ngabe usaphila. Yamhlukumeza le nto emoyeni, nokunqwamba kwe-medical aid eyayisiza ngokukhokhela isibhedlela nakho kwamlimaza,” kusho uMadlala.
Uthe ufuna bathathelwe izinyathelo abathintekayo, kukhokhwe zonke izimali zemishwalensi yomkakhe.
Uthe phakathi kwabantu abebazi ngalolu daba kubalwa umphathi omkhulu kwandaba zabantu kamasipala, umphathi wakhe emaphoyiseni kamasipala, imeya esanda kushona nabanye.
Lolu daba lufakwe eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.
Municipal comment...