UKUNGAHOSHELANI kwabafundi nothisha, ukungahloniphani kothisha nezinhloko zemfundo, ukufika sekwedlule isikhathi, izidakamizwa nophuzo oludakayo kuhlonzwe njengezinto eziyisihlava esenze isikole saseDalton, iCool Air Combined, sabhacaza ezivivinyweni zika-matric nyakenye.
Lokhu kudalulwe nguNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli wezwe futhi ophathiswe uMnyango obhekene nabantu besiFazane, iNtsha nabantu abanokukhubazeka, uNkk Sindisiwe Chikunga, ngoLwesine ngesikhathi ejutshelwe ukuthi ayohlola ukuthi zenze kanjani izikole ezingaphansi kukaMasipala waseMshwathi.
UNkk Chikunga uthe ubeye njengeLungu lePhalamende ngaphansi komkhankaso obizwa ngeBack To School. Uthe izinkinga zesikole bazizwe ngothishanhloko ngesikhathi ebachazela ngembangela yokungenzi kahle kwabafundi. “Yingakho sithole umphumela ka-matric owu-58%, okwenze isikole saba semsileni.”
Uthe ngenxa yokuthi isikhathi besisincane akagxilanga kakhulu kulolu daba kodwa kuzodingeka balusukumele ngoba luphazamisa ukufunda nokufundisa esikoleni.
Ungqongqoshe ubehambisana nobuholi baseMshwathi, obuhlanganisa iMeya uMandla Zondi, iPhini leMeya uNokuthula Mdunge, uSomlomo uSibongile Mbatha-Ntuli namanye amakhansela akulo masipala, abahloli abaqhamuka emnyangweni wezeMfundo nabasebenzi bomnyango wokuThuthukiswa koMphakathi.
Phakathi kwezikole abazivakashele kubalwa, iGeorgenau Combined eku-ward 2 , iCool Air Combined eku-ward 7, ezithole imiphumela engemihle kule ndawo, neMphelandaba High eku-ward 3 ehlabane ngo-100%.
Inhlosongqangi yokuhambela izikole bekuwukuncoma, nokuhlonza izingqinamba eziphazamisa ukuphasa kwabantwana.
UNkk Chikunga uvumbulule ukuthi eGeorgenau Combined ebhacazile, kunocwasana ngokwebala phakathi kwabamnyama nabomdabu waseNdiya. Wathi lokhu kwenza kungabikhona ukubambisana kwamalungu esigungu esilawula isikole. Uthe isikole sinayo yonke ingqalasizinda ebingenza abafundi baphumelele ngamalengiso.
Ezinye izinkinga azihlonze ezikoleni ukungabikhona kwamagumbi okufunda anele, imitaphoyolwazi, amakilasi okufunda ngesayensi nezobuchwepheshe, wathi uzobikela umnyango wezokuXhumana kuleli ukuba uyisukumele.
UNkk Mbatha-Ntuli ubonge ungqongqoshe ngokuthi abeke eqhulwini izikole zaseMshwathi, ngenxa yentshisekelo nothando lokuthuthukisa abantu abasha abawukukhanya nekusasa leNingizimu Afrika.