I-ANC eGauteng isiphakamise ukuthi uNdunankulu wakulesi sifundazwe, uMnuz David Makhura, ahlale ezithendeni zeSpecial Investigating Unit (SIU) ukuze isheshise uphenyo lwezinsolo zokukhwabaniswa kwemali yethenda lokuthenga izinsiza zokunqanda ukusabalala kweCovid-19 kulesi sifundazwe.
UMnuz Jacob Khawe ongunobhala wale nhlangano kulesi sifundazwe usho lokhu esithangamini sabezindaba sokudingida lezi zinsolo.
Kulezi zinsolo zethenda likaR125 million, kusolwa ukungahambisi ngokomthetho, njengoba kuthiwa kukhona abahlomule ngokungafanele.
Phakathi kwabasolwa ngokuhlomula ngokungemthetho, kubalwa uNkk Khusela Diko okhulumela umengameli Cyril Ramaphosa nomyeni wakhe, noMnuz Bandile Masuku onguNgqongqoshe wezeMpilo kulesi sifundazwe.
“Akumele kusheshiswe izinto kuphela uma kukhishwa imali. Nophenyo nalo kumele lusheshe. Uma kukhona umkhonyovu okhona, kumele kube khona izinyathelo ezithathwayo,” kusho uKhawe.
Uthe bamnikeza amasonto amane uMakhura ukuthi azobika kule nhlangano ukuthi uphenyo seluhambe lwafika kuphi.
NgokukaKhawe, kumele kwenziwe isiqiniseko kuqala ukuthi kunethenda eyakhishwa, nokuthi kwethulwe umbiko ngemigudu eyalandelwa.
Nakuba uNkk Diko noMasuku bethe akukho okungalungile abakwenzile okuphathelene nale thenda, uKhawe uthe kuzomele babhekane ne-Integrity Committtee kule nhlangano.
“I-ANC yathatha isinyathelo sokuzakha kabusha, ukulwa nemibango yangaphakathi, ubungane nabantu abakhohlakele,” kugcizelela uKhawe.
Kuyimanje uNkk Diko, uMasuku nomkakhe uNoloyiso, bakwilivu eyisipesheli selokhu kuqalwe uphenyo ngaleli thenda.