I-ANC KwaZulu-Natal izoqala umkhankaso wokunxenxa abantu ukuba bangayithengi impahla engekho emthethweni ezipaza njengoba zanda izigameko zokushona nokugula kwezingane ezidle okunobuthi.
I-ANC esifundazweni isiyalele wonke amakhansela ayo ukuba abize imihlangano yomphakathi lapho kuzonxenxwa khona abantu ukuthi bayeke ukuthenga impahla ewumbombayi.
Lesi sinyathelo se-ANC KwaZulu-Natal siza emva kokuthi uNobhala Jikelele wale nhlangano, uMnuz Fikile Mbalula, eyalele uhulumeni kazwelonke ukuba avale zonke izipaza, bese ziqala phansi ukubhalisa.
Lokhu uMbalula ukusho ngesikhathi ehola umbikisho ePitoli, ngoLwesihlanu.
Zidla lubi izigameko zokufa nokugula kwezingane ezidle okunobuthi.
Lezi zigameko zande kakhulu eGoli, lapho kubikwa ukuthi sekushone izingane ezibalelwa ku-12.
Izigameko ezisabikiwe lapha KwaZulu-Natal, kubalwa esokugula kwabafundi abangu-43 besikole iNgaqa Primary, eMtubatuba, nesokugula kwabafundi abayisikhombisa basesikoleni iBongucele Secondary, eMthwalume.
UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, uthe bayahambisana nombono kaMbulula.
“Ikakhulukazi lona wokuthi izipaza zivalwe zonke, bese ziqala phansi zibhalise. Lokhu kuzokwenza isiqiniseko sokuthi abantu abadayisayo bakufanele ukwenza lo msebenzi. Sifuna nokuthi kuqiniswe imithetho elawula izipaza.”
UMtolo uthe sebeyalele zonke izimeya zemikhandlu ephethwe i-ANC ukuba zenze isiqiniseko sokuthi omasipala baqhuba imikhankaso yokuqinisekisa ukuthi abanikazi bezipaza bayayilandela imigomo.
“Abaholi be-ANC abajutshwe komasipala bazogasela kungazelele ezitolo lapho bezofike bahlole ukuthi imithetho iyalandelwa yini.”
UMtolo uthe bayalele usihlalo wekomiti elibhekelele ukusebenza koMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho esiShayamthetho, uMnuz Mafika Mndebele, ukuba aqinisekise ukuvikelwa kwabathengi.
“Sifuna abathengi bavikeleke, bangadayiselwa ukudla okuwumbombayi nokubolile.”
UMtolo uthe bafuna nokuthi abaPhathiswa be-ANC KwaZulu-Natal babe ingxenye yomkhankaso.
Uthe bafuna ukuthi uMphathiswa wezeMfundo, uMnuz Sipho Hlomuka, aqinisekise ukuthi labo abadayisela abafundi bayayilandela imithetho.
UMtolo uthe bafuna ukuthi uMphathiswa wezeMpilo, uNksz Nomagugu Simelane, aqhube imikhankaso yokuxwayisa abantu abantu ezikhungweni zempilo.
Uthe bafuna ukuthi uMphathiswa wezokuThutha, uMnuz Siboniso Duma, aqinisekise ukuthi kuba nezivimbamgwaqo ezizonqanda ukuthuthwa kwempahla ewumbombayi.