INHLANGANO elwela umphakathi, i-AfriForum isiphakamise ukuthi kuqedwe nya ngamalayisensi ethelevishini.
UMnuz Ernst van Zyl obhekelele ezokuxhumana kwi-AfriForum, uthe awukho umehluko owenziwa wukukhokhelwa kwamalayisensi ethelevishini eNingizimu Afrika.
“I-SABC ayinayo imali, lokhu kwenzeka uhulumeni ebuka. Njengamanje sithola ukuthi u-87% wabantu bakuleli awuwakhokheli amalayisensi ethelevishini. Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi yinto okufanele iyekwe lena ngoba ayisebenzi. I-SABC iyakwazi ukwenza imali ngezikhangiso ngakho akusetshenziswe leyo mali, kuyekwe abantu bakuleli babuke ithelevishini mahhala,” kusho uvan Zyl.
Uthe abagcini ngokukhuluma kodwa umbono wabo bawubhale phansi bawuthumela ekomitini lezokuxhumana nobuchwepheshe ePhalamende njengoba kunomthetho sivivinywa othinta ukuxhaswa kwe-SABC.
Uveze ukuthi ngokwabo iSABC kufanele iphathiswe okwenkampani yezokusakaza ezimele njengezinye izinkampani ezikulo mkhakha ezenza imali.
Uthe ukube inkohlakalo ayikho eSABC nakuhulumeni ngabe le nhlangano kahulumeni inayo imali, akulokhu kucelwa ukuba itakulwe.
Uphethe ngokuthi uhulumeni kufanele ucabangele abantu abampofu abasakazelwa yiSABC ukuthi abanayo imali yokukhokhela amalayisensi.
Ubalule ukuthi kwisibonelelo sikahulumeni esitholwa ngabampofu, kuphuma imali yokuthenga igilosa kuphela, hhayi eyokukhokhela ilayisensi ye-SABC ephindaphinda izinhlelo zakudala.
Kuzokhumbuleka ukuthi iSABC yaveza ukuthi wu-13% kuphela wabantu bakuleli abanamathelevishini abakhokhela amalayisensi. Lokhu kungenisa imali ewuR815 million.
U-87% wabantu awukhokhi kanti iSABC ikweletwa ngaphezu kukaR44 billion.
Kuthiwa mancane amathuba okuthi izokwazi ukuyiqoqa le mali njengoba isisebenzise uR73 million ukuzama ukulandelela abakweleta amalayisensi ethelevishini.