ISINQUMO esikhishwe yinkantolo mayelana nodaba lukaLerato Sengadi lokufaka isicelo esiphuthumayo, ukuze athathwe njengonkosikazi womculi uJabulani “HHP” Tsambo obefihlwa ngempelasonto, siveze ngokusobala ukuthi udaba lwemishado yesintu lusafunwa ukucaciswa ukuze luqondwe kahle.
Indlela esihlanganisa ngayo isiko lakwantu nezimiso zokushada zasempumalanga yiko okubanga ukudideka.
UMthethosisekelo waseNingizimu Afrika uvikela ilungelo lakho lokuhlonishwa, ukulingana, ukuvikelwa ngokulinganayo umthetho, inkululeko yokukhetha inkolo nosikompilo oluthandayo nofuna ukuphila ngaphansi kwalo.
Yingakho isiShayamthetho saphasisa imithetho elawula imishado eyaziwa ngeMarriages Act ebhekela kakhulu imishado yasentshonalanga ejwayele ukubizwa ngomshado omhlophe, iCivil Union Act ebheke imishado yabathandana nobulili obufanayo neRecognition of Customary Marriages Act ebhekele imishado yesintu.
Yonke le mishado yenganyelwe iMatrimonial Property Act ebhekela ukulawulwa kwamafa ngesikhathi kusashadiwe, lapho sekwehlukaniswa noma uma kukhona odlula emhlabeni.
Kufanele ngicacise ukuthi iMarriages Act neCivil Union Act ayinazo izimiso okufanele zenziwe ezithinta usikompilo lwakwantu.
Isigaba sesithathu nesesine seRecognition of Customary Marriages Act, ebhekele imishado yesintu, zibalulekile kakhulu ngoba zibeka imibandela okufanele uyilandele ukuze ukwazi ukuba nomshado wesintu osemthethweni.
Isigaba sesithathu sithi abashadayo kumele babe neminyaka engu-18 noma ngaphezulu bavumelane bobabili ukushada ngokwesintu.
Isigaba sesibili, ngaphansi kwalesi esibalwe ngaphezulu sithi umshado wesintu kumele udingidwe kungenwe kuwona noma kulandelwe imikhuba noma izimiso ezilandelwayo uma kushadwa ngokwesintu.
Okufanele kukhunjulwe wukuthi izigodi nemindeni kulandela amasiko ahlukene yingakho kufanele kuvunyelwane kuphinde kuqoshwe phansi ukuthi ikuphi okuzomele kulandelwe ukuze umshado wesintu uphelele.
Yingakho kusuke kubalulekile ukulandela zonke izimo nemikhuba okuvunyelwene ngakho imindeni nabashadayo ezokhomba ukuthi umshado wakho wesintu uphelele.
Isigaba sesine, sibeka ngokucacile ukuthi kuwumsebenzi walabo abasanda kushada ngokwesintu ukubhalisa umshado wabo eMnyangweni wezaseKhaya.
Yilapho bethola khona incwadi yomshado eba wubufakazi obuqandula ikhanda ukuthi laba ababili abathandanayo bashadile futhi bashade ngokwesintu.
Umshado wabo uyahlonishwa umthetho ngokugunyazwa yiRecognition of Customary Marriages Act.
Isinyathelo esibalulekile lesi ngoba senza kwaziwe ukuthi inhloso yabashadile ibithini mayelana nomshado wesintu.
Kwenza kube khona ubufakazi bokuthi bebefuna ukushada ngokwesintu kuphela noma kade besafuna ukushada ngokwasentshonalanga, lokhu okwaziwa ngomshado omhlophe befuna ukugcina isiko nje ngaphandle kokushada ngokwesintu.
Kubalulekile ukuthi uma sekuthathwe isinqumo sikasofa silahlane kuqale kuhlelwe kahle, kutholwe nokwelulekwa ngokomthetho ukuthi lokho kuzokwenziwa kanjani.
Uma unolwazi olugcwele mayelana nendlela oshade ngayo uzokwazi nokuthi ubufakazi obunjani obudingayo ukuze umshado wakho waziwe, ngaphandle kokuthi ucele inkantalo ikuqagule ukuthi ungoshadile.
Okuhambisana nencwadi yomshado incwadi yokwaba amafa, phecelezi i-will. Ungakwazi ukuyisebenzisa ukwazisa abasele ukuthi uma ungasekho ufuna usingathwe kanjani umsebenzi wokukufihla nanokuthi obekungokwakho ufuna kutholwe wubani.
Inkulu indima okusafanelwe ikhathulwe ukukhulisa ulwazi mayelana nokusebenza kwemithemtho yemishado, ikakhulukazi nakubafundisi.
Okufanele kuqwashiswe abantu ngakho wukuthi yonke imithemtho eyengamele imishado iyalingana, inesisindo esilinganayo futhi ihlonishwa ngokufana. Kucaciswe nokuthi awukwazi ukuxuba le mithetho.
Ukuze uzivikele wena nothandiweyo wakho, thola ukwelulekwa okuphelele uma usuthathe isinqumo sokubopha ifindo likasofa silahlane, ukuze ucaciselwe ngezinhlobo zemithetho nezimiso ezengamela imithetho elawula ukushada.