UMKHAKHA wezemfundo uthole ivenge elikhulu kunayoyonke imikhakha ngesikhathi UNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana ethula isabelomali.
UGodongwana ubekhuluma ePhalamende, eKapa izolo phambi kukaMengameli Cyril Ramaphosa namanye amalungu. UGodongwana uthe umkhakha wezemfundo uthole uR480.6 billion.
Ngaphansi kwaleso samba kuzophuma uR303.0 billion ozonikwa uMnyango weMfundo eyiSisekelo. INSFAS izothola uR53.6 billion. Amanyuvesi azothola R47.7 billion ozophuma kuso isamba esitholwe wumkhakha wezemfundo.
Kwabiwe uR28.6 obhekele ukuthuthukiswa kwamakhono bese amakolishi ethola R13.6 billion.
Umkhakha wezokuThuthukiswa koMphakathi ulale isibili ngoR387.3 billion. Ngaphansi kwawo kukhona impesheni yabadala eyabelwe uR107.0 billion. Kuphinde kwabiwa uR89.0 billion wezibonelelo.
Kwabiwe uR85.8 billion wesabelo sesibonelelo sezingane. Kubekwe eceleni uR73.4 billion oqaphe noma iziphi izimo ezingaqhamuka. Ukuthuthukiswa komphakathi ezifundazweni kwabelwe uR22.0 billion. UR10.1 billion wabelwe ukweluswa komsebenzi nokukhokhwa kwezibonelelo.
Umkhakha wezempilo ulale isithathu ngoR271.9 billion bese ngaphansi kwawo kube khona uR120.0 billion owabelwe izibhedlela zezifunda. Kukhona izibhedlela ezimaphakathi ezabelwe uR52.8 billion.
Izibhedlela zezifundazwe zabelwe uR47.5 billion kanti ezinye izidingo zezempilo zabelwe uR40.2 billion. Izinsizakusebenza nokugcinwa kwazo kwabelwe uR11.3 billion.
EzeNhlalakahle zilale isine ngesamba sikaR265 .3 billion. Ngaphansi kwalo mkhakha kukhona omasipala abathole uR101.2 billion. Kukhona ezezindlu, amanzi nogesi kwabelwa uR59.2 billion. Ezokuthutha umphakathi zabelwe uR57.2 billion bese kuba wuR47.7 billion wezindleko zokuhlalisa abantu nengqalasizinda komasipala.
Endaweni yesihlanu kukhona ezokuThuthukiswa koMnotho zithole uR255.4 billion. Ngaphansi kwalo mkhakha kukhona ezomnotho nengqalasizinda ezithole uR146.1 billion. Umkhakha wezimboni nohwebo lwangaphandle wabelwe uR39.1 billion.
UR27.7 billion wabelwe umkhakha wezolimo nokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya. Ezokuvulwa kwamathuba omsebenzi nomkhakha wezemisebenzi zabelwe uR22.2 billion. Ezesayensi nobuchwepheshe zabelwe uR20.2 billion.
Ezokuthula nokuphepha zithole uR244 billion. Ngaphansi kwalo mkhakha kukhona amaphoyisa athole uR125.0 billion. Izinkantolo namajele zithole uR54.4 billion kanti abezokuvikela nokuphepha bathola uR53.5 billion. ezasekhaya zithole uR11.1 billion.
UR74.7 billion wabelwe izidingo zomphakathi jikelele ngaphansi kwawo kukhona uR49.1 billion wezokuphatha kwemali yomphakathi. Ezokuphatha nokushaywa kwemithetho zabelwe uR17.0 billion bese kuthi ezangaphandle zathola uR 8.5 billion.