BUNGASE buhlakazwe ubuholi bophiko lwabesifazane kwi-ANC, i-ANC Women’s League (ANCWL). Lokhu kungenxa yokuthi ubuholi bale nhlangano eholwa wuNkk Bathabile Dlamini, sebuphelelwe yisikhathi.
Ikusasa lobuholi balolu phiko selusezandleni zesigungu esiphezulu kwi-ANC, okuyiso esizothatha isinqumo ngalo. I-ANC isiqoke ithimba okuyilo elizokusho ukuthi kufanele yini buhlakazwe ubuholi be-ANCWL?
Lokhu kuvezwe ngokhulumela i-ANC, uMnuz Pule Mabe, ngesikhathi ekhuluma kwisithangami sabezindaba izolo.
Udaba oluthinta ukuphelelwa yisikhathi kobuholi be-ANC Women’s League ludingidwe emhlanganweni wekomiti elibhekelele ukusebenza kwe-ANC nsukuzonke, iNational Working Committee, obungoMsombuluko.
I-ANC Women’s League yagcina ukuba nengqungquthela yokukhetha ubuholi eminyakeni eyisikhombisa eyedlule, ngo-Agasti 2015. NgokoMthethosisekelo walolu phiko, kufanele lube nengqungquthela yokukhetha ubuholi njalo emva kweminyaka emihlanu.
UMabe uthe sekuqokwe ithimba elizoholwa ngamalungu esigungu esiphezulu kwi-ANC, uNkk Thandi Modise noMnuz Nathi Mthethwa, okuyilo oluzokwenza izincomo kwisigungu esiphezulu ngesinqumo okufanele sithathwe.
UMabe akazange afune ukuphumela obala ukuthi buzohlakazwa ngempela yini ubuholi be-ANC Women’s League?
“Ithimba eliqokiwe yilona elizokwenza izincomo ukuthi kufanele kwenzekeni. Emva kwalokho, isigungu esiphezulu siyokube sesithatha isinqumo. Kunzima ukuthi ngingasho manje ukuthi buzohlakazwa noma angeke buhlakazwe yini njengoba ithimba lingakazenzi izincomo.’’
I-ANC isanda kuhlakaza ubuholi bayo ezifundazweni iMpumalanga ne-Eastern Cape, ngenxa yokuthi bese buphelelwe yisikhathi. Iphinde yahlakaza ubuholi bayo kwizifunda ezine KwaZulu-Natal, ngesizathu esifanayo.
UMabe uthe kungenzeka ubuholi be-ANC Women’s League businde bona njengoba ethe lolu phiko luvele lusezinhlelweni zokubamba ingqungquthela yokukhetha ubuholi obusha.
“Asazi, konke kuzoncika ezincomweni zethimba eliqokiwe,’’ kubeka uMabe.
I-ANCWL ikhungethwe yizinkinga kulezi zinsukwana. Umengameli wayo, uNkk Dlamini, usanda kulahlwa yicala lokuqamba amanga efungile. Kulindeleke ukuthi agwetshwe ngenyanga ezayo.
UMabe uthe ayaqhubeka amalungiselelo ezingqungquthela zokukhetha ubuholi bophiko lwentsha kwi-ANC, i-ANC Youth League, nophiko lomakadebona, i-ANC Veterans League.
Lezi zingqungquthela zizohlala ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi bukazwelonke kwi-ANC, ezokuba ngoDisemba, eGoli.