KUQHUME umthandazo esiShayamthetho KwaZulu-Natal kucishe kushayeka phansi uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Willies Mchunu ngesikhathi ethula inkulumo yakhe yokuvula.
UMchunu ubesanda kuveza ukuthi usecela obambe njengoNdunankulu kulesi sifundazwe, uMnuz Sihle Zikalala amqhubekele nenkulumo yakhe.
Ngesikhathi ewa uMchunu ulekelelwe owesilisa obeseduzane naye ngaphambi kokuthi kungenelele uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongiseni Dhlomo obemnika usizo oluphuthumayo.
Sekunesikhathi uMchunu ehlushwa yisimo sempilo esingesihle.
Nyakenye uMchunu ushadelwe ngemuva kokushonelwa inkosikazi ngonyaka ka-2016, uDudu Mchunu. Ukushona kwenkosikazi yakhe kulandelwe wukushona kwabazali bakhe. Ngemuva kokushona kwamalungu omndeni wakhe, uMchunu uxinwe wukugula waphuma engena ezibhedlela.
There’s been an unexpected and sudden turn of event as Premier Willies Mchunu suddenly becomes weak while delivering his #KZNSOPA2019 and emergency personnel are rushed in. pic.twitter.com/GTkMc9uHfD
— Steve Bhengu (@SteveBhengu) February 27, 2019
KZN Premier Willies Mchunu just collapsed while delivering the SOPA 😳 pic.twitter.com/V6HzmzAkWT
— Claude Makayekwe (@kafur_) February 27, 2019