UYAYIVUMA induku yoMkhonto weSizwe (MK) uNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, othe balithathe kancane leli qembu bebona ukuthi alinabo abaholi nemigomo elakhelwe phezu kwayo.
UMnuz Bheki Mtolo ukusho lokhu engxoxweni abenayo neziko lezindaba i-eNCA ngoMgqibelo emini.
Ubalule nokuthi abantu bebengenelisekile ngokulethelwa izidingongqangi emiphakathini ikakhulukazi eThekwini lapho abantu bekhala ngesomiso samanzi, imigwaqo nokunye.
UMtolo uthe kuyilandele izinkumbi zabalandeli iMK ukukhankasa ifolosa ngowayengumengameli wezwe ne-ANC,, uJacob Zuma.
“Yizinto eziphathelene nokulethwa kwezidingo emphakathini okwenze abantu baya eqenjini elisha okuyiMK. Basebenzise umakadebona we-ANC ukuze balande abavoti,” kusho uMtolo.
Ukhale nangokuthi kukhona amalungu e-ANC emagatsheni asebenze engaphakathi kulenhlangano esiza iMK ukuze inqobe ukhetho, wabalula izigameko ezimbili sakuMasipala iRay Nkonyeni naseMhlathuze.
UMtolo uthe yinto esazolandelelwa ngaphakathi enhlanganweni yabo.
Imibiko engakaqinisekiwa ikhomishini yokhetho i-IEC, ikhomba ukuthi alikho iqembu elinqobe ukhetho elizokwazi ukubusa iKZN lodwa.
Nakuba kunjalo iMK iwole amavoti abalelwa ku-45%, yalandela i-IFP ngawu-18%, i-ANC yalala isithathu ngawu-17%.
Ebuzwa uMtolo ukuthi bazosebenzisana neMK ukwakha uhulumeni wobumbano, uthe i-ANC izosebenzisna neqembu elikhathalele abantu besifundazwe.
Ngakolunye uhlangothi iMK ibekele i-ANC umbandela othi kumele isuse umholi wayo, uMengameli Cyril Ramaphosa uma ifuna basebenzisane.
“Kumele kube uhulumeni onozinzo ozokwazi ukuhlala isikhathi esiyiminyaka emihlanu. Abantu esizokwakha nabo uhulumeni kumele kube ngabathenjwa nangabatshali zimali. Abantu abazobhekana ngqo nabatapayo, abenza ubugebengu nodlame nabavala imigwaqo,” kusho uMtolo.