AWAZI ukuba ujabule noma udikibale umndeni wowesifazane osanda kubulawa eYellowwood Park, eThekwini, umsolwa etholwa ezilengisile esitokisini samaphoyisa ngoLwesithathu, kodwa ubusafuna izimpendulo ngesigameko.
Isidumbu sikaNksz Amanda Phungula (19) wakuyo le ndawo, satholwa onqenqemeni lomgwaqo uCoedmore, eduze kwesiqiwi, i-Kenneth Stainbank Nature Reserve ngo-Okthoba 2.
Kuthiwa ngoLwesihlanu olwedlule, amaphoyisa aseMontclair abopha owesilisa wokufika okuthiwa nguye owagcina ukubonwa ehamba nomufi.
Isihlobo sikamufi, uNksz Zethu Phungula sikhuluma neSolezwe izolo, sithe bashayelwe ucingo umseshi ngoLwesithathu, ebatshela ukuthi umsolwa uzibulele.
“Uthe utholwe elenga ngaphakathi esitokisini izolo (esho ngoLwesithathu). Uthe bamthole eseshonile ekuseni,” kusho uNksz Phungula.
Uthe bewumndeni abazi ukuthi lokhu kufanele kubajabulise noma kubaphathe kabi.
“Ngakolunye uhlangothi, sizwa sigculisekile ukuthi naye uzibulele. Sinomuzwa wokuthi kuhle ngoba naye ufe kabuhlungu njengo-Amanda,” kusho uNksz Phungula.
Uqhube wathi ngakolunye uhlangothi, abagculisekile ngoba bebesalinde ukuthi kuphenduleke imibuzo abanayo ngokubulawa kwesihlobo sabo uma sekuqulwa icala enkantolo.
“Besisafuna asichazele kahle ukuthi wambulalelani, asho ukuthi yini le engaka ayesemenze yona ukuthi wayengaze ambulale, aphinde achaze nokuthi yini kahle hle eyayibahlanganisa?” usho kanje.
Uthe bezwa ubuhlungu ngokuthi usevele wakhetha ukuyongena egodini nezimpendulo zale mibuzo abanayo.
Ngokusho kukaNksz Phungula, umufi waficwa ukufa esathi uya ezitolo endaweni, ehamba ngezinyawo.
Kusolwa ukuthi umenzi wobubi waqale wamdlwengula umufi ngaphambi kokuba amklinye, ambulale.
Umndeni kamufi waziswa amaphoyisa ngesigameko. Kuvela ukuthi athinta yena uNksz Phungula athi akaphuthume emgwaqweni uCoedmore, kumayelana nomufi.
Kuthiwa wazithela phezu kwenqwaba yezimoto zamaphoyisa nethephu yawo izungeze indawo yesigameko. Kuvela ukuthi amtshela ukuthi utholwe umuntu obezidlulela, engagqokile kwesingezansi, ibhulukwe lakhe libekiwe ngaphezulu.
Emva kwesigameko kwabe sekuvela ukuthi kukhona abavame ukuzihlalela ngasezitolo, abatshele amaphoyisa ukuthi babone owesilisa ehamba nomufi, kwathi emva kwamahora ambalwa, bambona esebuya ehamba yedwa.
Umndeni wawutshele Isolezwe ukuthi awukholwa ukuthi bukhona ubudlelwano bokwazana obebukhona phakathi kukamufi nomsolwa njengoba umufi obengumuntu ongavamile ukuzihlanganisa nabantu kulandela isigameko sokuthunjwa kwakhe ngo-2020, eneminyaka engu-16.
Kuleso sigameko, umufi wadedelwa abathumbi emva kokusatshalaliswa kwezithombe zakhe sekuphele amasonto amathathu ethunjiwe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa ambopha owesilisa (44) ngecala lokubulala.
Uthe umufi wayenamanxeba abukeka sengathi awokugwazwa.
“Umsolwa uvele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoMsombuluko, icala lakhe lahlehliselwa uLwesithathu oluzayo, ukuze afake isicelo sebheyili,” kusho uNetshiunda.
Akayiphendulanga imibuzo ngokuzibulala komsolwa esitokisini.