UMNDENI wowesifazane wasePhoenix, eThekwini, oshayiswe yimoto yamphoyisa yophiko oluqapha eNdlunkulu, uthe ubufuna ajeze umsolwa ngokubulala isihlobo sabo.
Ukusho lokhu emva kokuvela kwezindaba zokuthi umsolwa (48) uzingqokloze ngenhlamvu yesibhamu somsebenzi eMhlanga, izolo ekuseni.
UNksz Phumla “Thini” Mtshali (28) kuthiwa ushayiswe yimoto yamaphoyisa ebihamba umufi ezintatha zangoLwesihlanu, ehamba ngezinyawo nesoka lakhe emgwaqweni uPhoenix Highway.
Udadewabo, uNksz Phili Mtshali, uthe ukube waboshwa ngokushesha umsolwa, ngabe akazibulalanga kodwa ubezohamba inkantolo, bathole ubulungiswa bewumndeni.
Uqhube wathi njengoba ebethintwa yiSolezwe ngokuzibulala kukamsolwa, bekungakapheli sikhathi esingakanani bebikelwe ngakho.
“Asikholwa nhlobo ukuthi uzibulele ngempela. Miningi imibuzo esinayo ngokuzibulala kwakhe. Sifisa sengathi singakhonjiswa ngisho nobufakazi bokuthi uzibulele, nokuthi uye ngempela lo obulele udadewethu,” kusho uNksz Mtshali.
Uthe bafisa nokucaciselwa ngokuthi ungubani wakwabani, bachazelwe nje kabanzi ngaye ngoba kusukela kwenzeke isigameko, kuningi obekushayisana ngalolu daba.
Emva kokwenzeka kwesigameko, kuthiwa umsolwa, akazange ame, kunalokho ushaye wachitha, eshiya i-number plate yemoto endaweni yesigameko.
Kuthiwa uthumele omunye umuntu ukuthi ayoyicosha, nofike emva kwendaba, sesithathiwe isithombe sayo.
Kubikwa ukuthi umsolwa uhambe ngoLwesihlanu ekuseni ngabo-10, wayobika esiteshini sasePhoenix, ukuthi imoto intshontshiwe, wathi ugcine ukuyibona ngabo-11 ebusuku ngoLwesine.
Kuvele ukuthi lesi siteshi avule kuso icala lokwebiwa kwemoto, okuyiso futhi obekubikwe kuso icala lokubulala ngokungenhloso kulandela ukushayiswa yimoto kukaNksz Mtshali.
UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, uthe iphoyisa elisolwa ngokubulala uNksz Mtshali libonile ukuthi lizobanjwa yikho likhethe ukuzibulala.
“Kuningi obekushayisana entweni eliyishilo ngesikhathi livula icala. Phakathi kwakho ukuthi, intshontshwe kanjani imoto emzini wakhe kube kubiyiwe? Okunye obekushiya imibuzo ukuthi le moto abesezobika ukuthi intshontshiwe, ishayise umuntu. Kwaba nombuzo wokuthi ubani ke obeyishayela,” kusho uMkhwanazi.
Uthe bebesaphenya yonke le mibuzo ngesikhathi iphoyisa livele linyamalala.
“Uvele wazibulala, esebenzisa isibhamu samaphoyisa. Ukwenze lukhu emva kokugonyuluka komunye umuntu ngakwenzile ngempelasonto, wathi uyazibulala ngoba akafuni ukuboshwa,” kusho uMkhwanazi.
Khonamanjalo: UNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uMnuz Senzo Mchunu, usigxekile isigameko sokubulawa kwabayisithupha emijondolo engasehostela i-Tehuis KwaV eMlaza, ngoMgqibelo.
Ukusho lokhu ngesikhathi ehambele indawo yesigameko izolo.
“Lesi isenzo esingafuneki emphakathini. Akekho umuntu okufanele enze into efana nale bese eyekwa nje, yingakho amaphoyisa ephansi phezulu emfuna, sizombamba futhi,” kusho uMchunu.
Unxuse abenzi bobubi ukuthi uma bekwazi okubafanele, bavele bazinikele emaphoyiseni, wanxusa nomphakathi ukuthi uma kukhona okwaziyo ngabo, usheshe ubikele amaphoyisa.