ABEZICISHAMLILO basebenze ngokuzikhandla ukubhula umlilo wamaloli ayisithupha ashiswe kuthelawayeka uN3 ngaseVan Reenen Pass ezintatha zangeSonto.
Ngokwemibiko yamaphoyisa kuthiwa kunequlu lamadoda abehlome eyizingovolo evulele ngenhlamvu ephoqa abashayeli ukuba bame.
Ngemuva kwalokho bakhishiwe abashayeli emalolini ngaphambi kokuba ashiswe.
“Ngezithuba zabo-22:00 ngoMgqibelo ebusuku iqulu lamadoda ebelihlome limise ngankani amaloli ayasithupha eVan Reenens Pass. Bawashisile lama loli nokuyinto edale ukuvaleka komgwaqo,” kusho amaphoyisa ngesitatimende.
Amaphoyisa aphenya icala lokulinyazwa kwempahla. Amaphoyisa asendaweni yesigameko ukuqapha isimo.
UThania Dhoogra ongumphathi wezokusebenze enkampanini iN3 Toll Concession okuyiyona ebhekelele ukuphepha nokusebenzi kwalo thela wayeka utshele abezindaba ukuthi kushiswe amaloli ayisithupha abelayishe imithwalo
“Imibiko esitholile wukuthi abashayeli balamaloli baphoqwe ukuthi bame anduba ashiswe amaloli. Sithemba ukuthi abomthetho bazophenyisisa ngalesi sigameko ukuze kuqondakale kahle ukuthi yini imbangela,” kusho uThania.
Uqhubeke wathi kube yinhlanhla ngoba akukho muntu olimele.
Lo mgwaqo yize ukhucululwa wavulwa ngaphambi kwehora lesishiyagalolunye, kunxuswa abashayeli abalibangise eGoli noma eThekwini ukuba bamise kancane uhambo lwabo njengoba sisikhulu isiminyaminya kwazise izimoto bezinqandwa futhi zijikiswa eTugela Toll Plaza.