KUKHALWE ngetekisi yodumo iToyota Quantum emhlophe engaziwa izinombolo zayo, kuqothwa abahlanu ngenhlamvu eTambo Plaza, eMawoti eNanda ngoLwesithathu ebusuku.
Izidumbu zabesilisa zitholwe zidindilize ezindaweni ezehlukene endlini yomxhaso eMawoti.
Inkampani ebhekela ezokuphepha enyakatho yeTheku, iReaction Unit South Africa (Rusa), iveze ukuthi amadoda ashonile aphakathi kweminyaka ewu-26 kuya kwewu-35.
Esitatimendeni iRusa ithe abasolwa ngokudubula kuthiwa bebehamba ngetekisi iToyota Quantum emhlophe engaziwa.
Uthe onogada babo bafonelwe ebusuku, wumphakathi ozwe kuqhuma isibhamu umlibe.
Abanye uthe bathumela u-WhatsApp okhombisa ukuthi obikayo usuke ekuphi.
“Onogada beRusa baphuthume endaweni yesigameko. Bafice izidumbu zamadoda amahlanu zinamanxeba okudutshulwa ekhanda. Ezimbili zitholwe ngaphansi kombhede, esisodwa ekhishini kanti ezinye ezimbili zitholwe ethoyilethie. Kuye kwavela ukuthi kudubuleke nowesifazane ohlala eduze kwalo muzi. Yena udubuleke engalweni kanti kuthiwa abasolwa ngokudubula baqale ngaye,” kusho iRusa.
Abantu abakhulume neSolezwe kodwa bacela ukuthi amagama abo angadululwa ngoba besaba, bathe sekuvamisile ukuthi abafana abancane bahlaselane ngezibhamu.
Kuthiwa baqonda ngqo lapho besuke besophe khona bafike babhubhise ngenhlamvu bese bethathwa yitekisi noma yimoto encane abasuke behle kuyo.
Baveze ukuthi kwesinye isikhathi kusuke kubangwa imizila yokudayiswa kwewunga kanti kwezinye izindawo abafana badubula abantu abazihambela emgwaqweni uma bebakhuthuza.
Kuvele ukuthi bekukhona isigungu esivikela umphakathi kodwa sahlakazwa kanti sekukhona abanye abafuna umphakathi, abadayisa emgwaqweni nabanezitolo bakhokhe ukuze bavikelwe.
Idumile emphakathini waseNanda eyale tekisi okuthiwa abasuke behamba ngayo bafike baqothe imbokodo nesisekelo.
UBrigadier Jay Naicker wamaphoyisa KwaZulu-Natal, usiqinisekisile lesi sigameko wathi amaphoyisa abizelwe eTambo Plaza ngabo-21:30 ebusuku.
Afice izidumbu zamadoda amahlanu endlini yomxhaso.
“Amaphoyisa athole ukuthi amadoda amahlanu abesendlini yomxhaso ahlaselwe ngamadoda angaziwa awadubula. La madoda adubule nowesifazane engalweni kanti yena usindile, waphuthunyiswa esibhedlela. Abasolwa bashaye bachitha ngemoto engaziwa,” kusho uNaicker.
Uthe okwamanje amaphoyisa aphenya amacala okubulala futhi lusaqhubeka uphenyo lwawo kodwa ngeke akushiye ngaphandle ukuthi kungenzeka ukuthi lesi sigameko sihlolebe nezidakamizwa.