BAZOHLONYISWA ngamakhono okwenza ama-website nama-app abafundi abawu 60 emuva kokuthi uMasipala waKwaDukuza uqale uhlelo lokubacija ngamakhono oluzothatha unyaka.
IMeya yaKwaDukuza uNkk Dolly Govender, ithe lolu hlelo luzosiza abantu abasha abaswele amathuba omsebenzi ukuthi bakwazi ukuzivulela amabhizinisi abo noma baqashwe yizinkampani ezisebenza ngobuchwepheshe besimanje.
UNkk Govender uveze ukuthi bathole izicelo eziwu 400 kubantu abasha akade befuna ukuba yingxenye yalolu hlelo lokucijwa ngamakhono okwenza ama-website kodwa emuva kokuhlunga izicelo bathatha abafundi abawu 60.
“Abafundi bazoqeqeshwa mahhala izinyanga eziwu 12. Bazobe befunda ukwenza ama-website, ama-app nokunye okuphathelene nobuchwepheshe besimanje. Amakhono abazowathola azobasiza ngokuthi bakwazi ukuzenzela imali behlezi emakhaya. Baningi abantu abanezigidi e-Eastern Cape naseWestern Cape ngoba benza lo msebenzi. Sizobaqapha ngeso lokhozi abafundi ukuqinisekisa ukuthi bayaqeda bese kuthi noma sebeqedile sibone ukuthi bathola amathuba okuphumelela kulo mkhakha,” kusho uNkk Govender.
Uveze ukuthi ziningi izinhlelo abanazo zokufukula abantu abasha, abale kuzo nolwemifundaze olwaqalwa yiMeya engasekho uMnuz Ricardo Mthembu.
Uthe kulo nyaka babeke uR500 000 wemifundaze ezolekelela abafundi baKwaDukuza.
Ngenyanga edlule uNkk Govender uthe bakhiphe uxhaso lukaR250 000 lokusiza osomabhizinisi abancane ngokubathengela izinsiza zokusebenza.
Kulezo zinsiza kukhona imishini yokuthunga, izitofu zegesi ezisetshenziswa koshisanyama, imishini yokuwasha izimoto neyokugunda utshani.
UNksz Debra Lawrence waseNtshawini uthe wafaka isicelo sokufunda ukwenza ama-website online njengoba ezoba yingxenye yabafundi abazoqeqeshwa.
“Ngizimisele ukusebenzisa leli thuba engilitholile ngoba asivamile ukuthola amathuba anjena,” kusho uNksz Lawrence.
UMnuz Mpumelelo Dube waseGroutville Malende, uthe ithuba lokwenza ama-website lizoba yisisombululo enkingeni yokusweleka kwemisebenzi kubantu abasha futhi lizobavulela amathuba ebhizinisi ngezindlela ezihlukene.
Ngaphambi kokuba yingxenye yalolu hlelo, uDube uthe ubephothula izifundo zeTravel and Tourism kanti uselinde iziqu zakhe.