YIZE ubhubhane iCorona lungazibekile phansi, izinkumbi zabantu ziyishaye indiva imithetho ebekelwe ukugwema ukusabalala kwalo ngesikhathi kuphelezelwa Isilo samaBandla wonke, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.
Amabutho, izintombi kanye namalungu omphakathi aphume ngobuningi ukuzohlonipha Isilo okokugcina ngesikhathi sisuka emakhazeni, sesiyotshalwa, yize imithetho ebekelwe ukugwema ukusabalala kobhubhane iCorona ingakuvumeli ukuthi abantu bahlangane ndawonye babe baningi.
Kume nse yonke into edolobheni KwaNongoma izolo ngesikhathi amabutho nezintombi belubhada ngezinyawo besuka esigodlweni KwaLinduzulu, benqamula edolobheni lapho befike bathatha khona umzimba weSilo emakhazeni, base beshaya ngonyawo sebebheke esigodlweni KwaKhethomthandayo.
Izitolo eziningi zisheshe zavalwa edolobheni.
Amabutho nezintombi adale isiminyaminya edolobheni njengoba bebehamba becula, babuye bame.
Ngesikhathi sekufikwe emakhazeni kungene abantwana nabakoninalume beSilo beyokwenza amanye amasiko ahambisana nokutshalwa kwaso, amabutho asala ngaphandle. Sekuphuma umzimba weSilo emakhazeni amabutho azwakale esekhuleka kuso ethi: Wena weNdlovu, Bayede.
Abantu bebeme izixuku edolobheni bekikiza beshaya namakhwela ngesikhathi Isilo sidlula edolobheni.
Abesilisa bebekhumuliswa izigqoko kanti nabezimoto bebeyalelwa ukuba bacime imisakazo ngesikhathi kudlula Isilo edolobheni.
Namanye amalungu omphakathi abefuna ukuzibonela obekwenzeka, abegoyile eduze komgwaqo lapho bekuzodlula khona Isilo.
Kushintshe izulu layidliva ngesikhathi Isilo sifika esigodlweni KwaKhethomthandayo, lapho besikakwe ngamabutho nezintombi.
Isilo sitshalwe ngokosiko ngaphambi kokuthi kuse namhlanje, nokusho ukuphela kokubusa kwaso kweminyaka ecela ku-50.
Namhlanje, kuzokuba nenkonzo yesikhumbuzo yeMbube, lapho uMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa ezokwethula inkulumo yosuku.
Ngokusho kukahulumeni kanye neNdlunkulu, kulindeleke ukuthi ilandelwe imithetho ebekelwe ukugwema ukusabalala kobhubhane iCorona enkonzweni ezokuba namhlanje.
Abantu abebeyingxenye yokuphelezela Isilo izolo, bathe yize noma bazi ukuthi kuneCorona, kepha bebengeke bahlale bangasiphelezeli Isilo.
"Kungokokuqala ukubona kukhothama Isilo, bekungeke kulunge ukuthi singasiphelezeli. Nayo leyo Corona isiyosixolela,“ kusho omunye wabebephelezela Isilo.
Umdidiyeli wamabutho uMnuz Mlandeni “Mgiliji” Nhleko, okunguye obehola amabutho, uthe bekuphoqa ukuthi baphelezele Isilo.
Ngesikhathi sekufikwa KwaKhethomthandayo kube sekuqala kugcinwa amasiko aseNdlunkulu abendulela ukutshalwa kweSilo.
Lokhu kuphulwa kwemigomo yeCorona kwenzeke nakuba uNdunankulu kaZulu, Inkosi Mangosuthu Buthelezi, kanye noNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Zweli Mkhize, bebeqinisekisile ukuthi izolandelwa imigomo ebekelwe ukulwa nokusabalala kweCorona.
NgoLwesibili, uButhelezi wathi bazoyikhotha imbenge yomile labo abazoshaya indiva imigomo yeCorona, wathi izinhlaka ezifanele zimi ngomumo ukuqondisa labo abazophuma endleleni.
Izolo ntambama umzimba weSilo ususesigodlweni amabutho abelokhu etheleke njalo eqhamuka ezindaweni ezahlukene, ehuba.