UBEKE phambili ukuzibophezela kwakhe ekufundiseni i-Coding ne-Robotics kubafundi basezindaweni zasemakhaya, uthisha wesikole iBay Primary, eseRichards Bay, ekhala emuka nendondo yokwenza kahle kulo mkhakha emcimbini wemiklomelo obuse-India ngeledlule.
UNkk Thandeka Ndlozi, ongowokudabuka oZwathini eNdwedwe, ubehlanganyele nenqwaba yothisha ebebesuka emazweni ehlukene beyoklonyeliswa ngomsebenzi omuhle abawenza emazweni abo.
Elandisa ngohambo lwakhe uthe luqale ngo-2021 ngesikhathi ekhethwa uMnyango wezeMfundo ukuthi ezwe amanzi ngobhoko nge-Coding ne-Robotics esikoleni sasemakhaya ayefundisa kuso ngaleso sikhathi, iMizikayifani Primary.
“Kulolo hlelo, kwakubhekwe kakhulu abafundi abafunda u-Grade 4 kuya ku-Grade 7. Ngawenza ngokukhulu ukuzimisela lowo msebenzi yize zazikhona izingqinamba,” kusho uNkk Ndlozi.
Phakathi kwazo uthe kwakuba ukungabi bikho kwezinsizakusebenza ezanele kwazise isikole sakhe sasisendaweni yasemakhaya.
Uthe nakuba kwakunjalo, akaphelanga mandla njengoba wayeqhubeka nokusebenzisa lokho okwakukhona, aphinde aphume ayongqongqoza ezinhlanganweni ezehlukene, ezazibuye ziphonse isandla ngezinsiza ezehlukene.
Uthe uyakhumbula nje etholela isikole sakhe nezinye ezehlukene uxhaso lwama-laptop kanjalo nezinto ezidingekayo ukuze ifundeke kangcono i-Coding ne-Robotics.
Ubalule nokuthi okunye okumsizile ukuthi angazitheli ngabandayo, aqhubeke afunde kabanzi ngalesi sifundo, ukuze anezele olwazini abenalo.
“Ngiqale ukubona ukuthi kukhona lapho kuyiwa khona ngesikhathi sengiqala ngiwina imiklomelo ezingeni lesifunda, ngadlula ngayobashaya esifundazweni, ngagcina sengibaqwaqwada nakuzwelonke emiklomelweni ebizwa ngeNational Teacher Awards eba minyaka yonke,” kusho uNkk Ndlozi.
Ubalule nokuthi akuyena yedwa obewina emiklomelweni ehlukene njengoba zikhona nezingane ezidlule esandleni sakhe ezikhale zemuka nezindondo esifundeni, esifundazweni nakuzwelonke.
Echaza ngokungenela umklomelo uthe igama lakhe laphakayiswa omunye uthisha wakwesinye isifunda, owaziyo amagalelo akhe ngoMeyi nyakenye.
Uthe yena wathola umyalezo wokuthi kukhona omkhethile, akaqhubeke nokugcwalisa imininingwane edingekayo.
“Ngaphendula yonke imibuzo yabo, ebandakanya ukuchaza kabanzi ngokuthi yimaphi amagalelo ami ekwenzeni umehluko ebuthisheni. Akugcinanga lapho, kwabe sekubizwa uthishanhloko wesikole sami, kwathiwa naye akalethe ubufakazi obuqinisekisa ukuthi engikubhalile kuyiqiniso,” kusho uNkk Ndlozi.
Uthe emva kwalokho watshelwa ukuthi uyokwaziswa uma ukungenela kwakhe, kudlulela esigabeni esilandelayo, nokuyinto athi yaze yaqinisekiswa ngoDisemba ukuthi ungomunye wothisha abakhethiwe ukuthi bayoklonyeliswa ngoJanuwari nonyaka.
Uthe ukuwina lo mklomelo asanda kuwuwina kugcwalisa inkolelo yakhe yokuthi uma umuntu esebenza ngokuzikhandla uvuna okuhle.
“Kubalulekile ukuthembeka emsebenzini wakho, uwenze ngokuzinikela. Awube khona umehluko owenzayo, ngisho ngabe u-2%,” kusho uNkk Ndlozi, othe kumjabulise kakhulu ukuthi umsebenzi wakhe utuswe ezingeni lomhlaba wonke.
Uveze ukuthi uneminyaka eyisithupha kuphela eqalile emkhakheni wezemfundo njengoba eyishumi nanye yangaphambilini, wayesebenza kowezezimali, akhetha ukuwuyeka, afundele ubuthisha esezwa usumcoba (owezezimali).
Uthe osekusele ukuthi angabe esabheka emumva, aqhubeke nokutshala uthando lwe-Coding ne-Robotics kubafundi basemakhaya njengoba ekholelwa ekutheni ukushintsha kwesikhathi kusho ukuthi lesi sifundo sizohamba sihambe sifundiswe ngokugcwele kuzo zonke izikole, ukunikezela ngekhono lokwakha izinto ezehlukene eziyamaniswa nezobuchwepheshe.