UKUBHALA noma yini oyithandayo ezinkundleni zokuxhumana kungakulimaza ngesikhathi esizayo.
Lokhu kushiwo uNksz Thandoluhle Mkhize waseMancosa, obecobelela abadlali besifazane beqembu lebhola Amangwane Cosmos Ladies Football Club, yaseVerulam ngesikhathi kunekhempu yaleli qembu ebihlelwe ilesi sikhungo.
UNksz Mkhize utshele abadlali ukuthi kumele baqaphele ukuthi babhalani ezinkundleni zokuxhumana, ngoba kuyenzeka uma usudumile kusetshenziswe zona izinkundla zokuxhumana kubhekwe ukuthi awubhali yini izinto ezilumelayo bese uphuthelwa ithuba obuzolithola.
"Izinkundla zokuxhumana ziyithuluzi elisetshenziswayo manje ayikho indlela engazisebenzisi kodwa kumele sizisebenzisele ukuthi nathi sizuze. Kumele uzigade uma ubhala ezinkundleni zokuxhumana. Kukhona okuhle ngokubhala ezinkundleni zokuxhumana kuyenzeka uthole ithuba obungeke ulithole ukuba awubhalanga khona," kusho yena.
UNksz Zandile Mfeka, oyi-Academic Programmes Manager, kwi-faculty of Public Administration and Local Governance, kuso lesi sikhungo, uthe beyisikhungo banejoka lokuthuthukisa umphakathi, ingakho kuthe uma ebona amantombazane edlala ibhola wase ebona ithuba lokuthi kumele ahlonyiswe nangezinye izinto ukuze akwazi ukubhekana nempilo.
"Ngingowokuzalwa eVerulam, nami ngisakhula ngangifisa ukuba umdlali wethenisi kodwa angikwazanga ngoba esikoleni engangifunda kuso yayingekho. Njengoba sengikhulile ngisenaso isifiso sokuthi ngisize intsha ukuze ifeze amaphupho ayo. Kimina okubalulekile ukuthi abadlali bangabheki ibhola kuphela kodwa babe nolwazi lwezifundo abangazenza, ulwazi ngemali nokufunda ngezobuchwepheshe eseziyingxenye yethu manje," kusho uNksz Mfeka.
UNksz Amelia Naidoo we-African Bank, uthe ukukwazi ukubeka imali usemncane kuyasiza ukuze ukhule unobudlelwane obuhle nemali.
" Uma usemncane uyakwazi ukuvula i-akhawunti usizwa umzali, ubeke imali oyithola ngokuphiwa noma ngalo ibhola uyigcine ungayisebenzisi noma ikanjani. Lokhu kuzokusiza uma usukhululile ngoba uzobe sewazi ngokongiwa kwemali," kusho uNksz Naidoo.
UKaputeni waleli qembu, uNondumiso Magwaza, uthe bayaqala ukuthi babe sekhempini bengazilolongeli ukudlala kodwa befunda ngezinye izinto ezibakhayo.
"Sesifundile ukuthi imali kumele siyibeke ebhange, singayidli njengoba besenza," kusho yena.