ONGOTI bezempilo bathi abantu abasebenzisa amakhambi esintu ukwelapha isifo iCovid-19, kumele baqaphele ngoba abukho ubufakazi bokuthi lawo makhambi ayaselapha lesi sifo.
Njengoba zikhuphuka ngamandla izibalo zabangenwa yileli gciwane kuleli, baningi abantu asebeqale ukusebenzisa amakhambi esintu okwelapha umkhuhlane aziwayo ngoba benenkolelo yokuthi azokwelapha iCorona.
USolwazi Sandy van Vuureen wophiko olucwaninga ngamakhambi eNyuvesi iWits uthe selokhu iMadagascar yamemezela ukuthi umhlonyanne uyayelapha iCorona, baningi nakuleli abantu abawusebenzisayo ukuzelapha.
“Ngalokhu angisho ukuthi amakhambi esintu awasebenzi kodwa ngithi abawusebenzisayo umhlonyane njengamanje, kumele bawusebenzise ngokucophelela ngoba iCovid-19, isifo esisha okungakabikhona ucwaningo olukuqinisekisayo ukuthi selashwa umhlonyane futhi okwamanje alikho ikhambi lokuselapha. Yebo umhlonyane uyawelapha umkhuhlane, usetshenziselwa ukuvula umgudu wokuphefumula ocinene nobuhlungu besifuba. Ngingathi uma umuntu enomkhuhlane ongenawo amandla angawusebenzisa umhlonyane namanye amakhambi abevele esetshenziswa kudala kodwa aqaphele ukuthi uma izimpawu zimqinisa kudingeka aye esikhungweni sezempilo,” kusho uSolwazi.
Uthe ngokubona kwakhe asikho isidingo sokuthi uma uzizwa unomkhuhlane ugijimele kudokotela uyofuna ama-antibiotic ekubeni ekhona amakhambi esintu asebenzayo kodwa kuleli gciwane kumele abantu baqaphele ngoba lisha akekho owaziyo ukuthi uma litholana nekhambi lesintu kwenzekani emzimbeni womuntu.
“Abantu kumele baqaphele ukuthi basebenzisa izikali eziyizo. Uma usebenzisa isikali esifanele somhlonyane angikholwa ukuthi ungaphenduka ube ushevu ngaphakathi indaba yoniwa ukuthi abantu abanalo ulwazi ukuthi la makhambi asetshenziswa kanjani. Uma esewuthengile kumuntu naye ongazi lutho ngawo, uyazicabangela ukuthi usetshenziswa kanjani bese kuba yingozi,” kuxwayisa uSolwazi.
USolwazi Nceba Gqaleni ongumsunguli wesikhungo esicwaninga ngamakhambi esintu i-Africa Health Research Institute obuye asebenze eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, ucashunwe kwimithombo yabezindaba ethi sekuphele isikhathi eside amakhambi esintu engahlolwa.
“Lesi sikhathi sifike vele kunokukhala ngokuthi amakhambi esintu awahlolwa. Ukubheduka kwaleli gciwane sekuvule indlela yokuthi amakhambi esintu nawo ahlolwe,” kusho uSolwazi Gqaleni.
INingizimu Afrika isibeke eceleni uR15 million wocwaningo lokuhlola amakhambi esintu, okubalwa nomhlonyane, oluzokwenziwa iCouncil for Scientific and Industrial Research (CSIR), ePitoli.