UKHUNGATHEKILE umndeni wowesilisa waseNquthu, owadutshulwa wabulawa, uthola ikhadi lesimemo somshado wakhe livela kowesifazane ashona ejola naye.
Umufi owayesembonini yametekisi, uMnuz Hezekia Naledi Masiteng, wahlaselwa ngamadoda angaziwa amdubula esendleleni ebheke emzini wakhe khona eNquthu.
Isigameko kuthiwa senzeka ngoJuni 5, 2020. Ngesikhathi ebulawa wayethandana nentombi yakhe, uNksz Nompumelelo Ntuli odume ngelikaYayo.
Lo wesifazane kuvela ukuthi uthumelele ikhadi lesimemo somshado kumalungu kamufi.
Isolezwe Ngempelasonto lisibonile isimemo somshado okuthiwa uzokuba ngoSepthemba 29. Uzosuka kubo kowesifazane eNkandla, uphelele kubo kukamufi eNquthu.
Umndeni kamufi usola lo wesifazane ngokuhlekisa ngendodana yawo.
"Sididekile ukuthi le ntombazane iwuhlela kanjani umcimbi nomufi ingazange isitshele thina. Ize ibe nesibindi esingaka sokusithumelela nekhadi lesimemo somshado pho,'' kubabaza owomndeni.
Umndeni uthi uxakwa nawukuthi lo mshado uzophelela kanjani emagcekeni kamufi ngaphandle kwemvume yawo?
Kwenzeka le mpicabadala nje, kunecala lombango wamafa eliqhubekayo enkantolo phakathi kwentombi nomndeni kamufi.
Intombi kuvela ukuthi inezingane ezintathu nomufi. Isolwa nangokushaqa amatekisi awu-13 kamufi okumanje imali ayisebenzayo kuthiwa iya entombini. Kuthiwa umufi wayengalobolile.
Omunye womndeni kamufi uthe bayazi ukuthi umshado intombi iwenza ngoba nakhu sekumele ivuselele izincwadi zemvume yamatekisi njengoba seziphelelwe yisikhathi.
"Umthetho wasematekisini uthi izincwadi zezimvume zamatekisi kumele zivuselwe owomndeni kamufi noma ke kube umkakhe. Manje le ntombazane seyifuna ukuba nencwadi yomshado ukuze izoqhubeka nokuba nelungelo lamatekisi,'' kuchaza owomndeni.
Kuthiwa umndeni ohlangothini lwentombi yiwona omagange nezinhlelo zomshado ngoba ubona ubungozi bokuthi kungenzeka amatekisi agcine esema ukusebenza uma owesifazane engayitholi ngokushesha incwadi yomshado.
Ithintwa intombi, ivuthe ingabaselwe isola umndeni kamufi ngokuphapha, uyisa udaba kwabezindaba.
UNksz Nompumelelo Ntuli ukuqinisekise ngomlomo wakhe ukuthi impela kuyiqiniso ukuthi uyashada nomufi futhi izimemo seziphumile, wathi ukushada ngale ndlela akuqali ngaye.
"Wena angithi unguMzulu? Le nto ngokwesintu ike yenziwe, nami ngiyenza ngaphansi kwemibandela wesintu. Kodwa ngeke ngisuke ngitshele wena ukuthi kungani ngenza lo mshado,'' usho kanje ebhoka ngolaka.
Ube esecela intatheli ukuthi eminye imininingwane iyifune kulabo ethole kubona udaba, wathi nentatheli ivumelekile ukuba ingafika izodla ngosuku olukhulu lomshado.
Isazi somthetho, u-Advocate Mpumelelo Zikalala, sithe angeke abe nayo incwadi yomshado ngoba ukuze ibe khona ngokomthetho kumele kube ukuthi abantu ababili basadla anhlamvana, bavumile baqinisekisa ukuthi bayashada.
Isazi samasiko, uSolwazi Gugu Mazibuko waseNyuvesi yaseJohannesburg sithe lo wesifazane wenza umuga.
Uthe lolu hlobo lomshado ngokwesintu lwenziwa uma isoka elishone selilobolile futhi selikhehlile, sekusele ukuthi kuphume udwendwe nje kuphela.
Kulolu daba uthe uyakweshwama lokhu okuzobe kwenziwa yilo wesifazane ngoba ubeyintombi nje kuphela engalotsholiwe futhi engazange ikhehlwe.