UPHITHENE amakhanda umndeni wosana olunezinyanga ezimbili oluthunjwe eWelbedacht West, eChatsworth, ngezintatha ngoMgqibelo.
ULwandle Mdletshe kuthiwa ushaqwe ngamadoda amabili agasele kubo ehlome ngesibhamu.
Elandisa ngokwenzeke ngosuku lwesigameko unina kaLwande, uNksz Zinhle Mdletshe, uthe bangqongqozelwe ngabantu abangaziwa ebusuku belele.
Uthe abasolwa babatshele ukuthi bafuna ilungu lomndeni, abaligagule ngegama, abathe lintshontshe ibhodlela labo likagologo endaweni yokucima ukoma.
“Sibabuzile ukuthi manje pho thina singena kanjani ngoba naleli lungu lomndeni abakhuluma ngalo alikho ekhaya, likubo kanina. Baqhubeke bathi unina walo ubatshele ukuthi usekhaya,” kusho uNksz Mdletshe.
Uthe bathe besuka babefuna ukuthi bavulelwe umnyango ngenkani nokuyinto abanqabile ukuyenza. Uqhube wathi bagcine bewukhahlela ngenkani umnyango wavuleka, bangena ngaphakathi.
“Baqale bakhuluma nomfowethu isikhashana ngaphambi kokuthi oyedwa wabo angikhombe ngesibhamu ngesikhathi omunye ebuza ukuthi yini konje abangayithatha ukuze ilungu lomndeni ebebelisola ngokweba libone ukuthi abadlali,” kusho uNksz Mdletshe.
Uveze ukuthi yilapho lo owesibili eqonde khona ekamelweni wafike wathatha ingane waphuma nayo ngomnyango. Uthe baphinde bathatha neselula yakhe.
“Emva kwesikhashana lona obengikhombe ngesibhamu naye uphume wamlandela lo ophume nengane yami. Wasikhiyela ngaphandle, bashaya bachitha,” kusho uNksz Mdletshe.
Uthe bobabili abasolwa bebengazimbozile ubuso kodwa futhi ubuso babo ngobabantu abangabazi.
Uthe bashayele amaphoyisa okuthe uma esefika, liyobhekwa kubo kanina ilungu lomndeni ebelisolwa ngokweba, kwatholakala ukuthi lilele.
“Kuvele nokuthi bebemqambela unina walo uma bethi uthe lisekhaya kwazise ulandulile ukuthi bake bakhuluma naye,” kusho yena.
Uthe balibuzile ilungu lomndeni ukuthi libuntshontshile yini ngempela utshwala, lathi alikaze. Uthe bayalikholwa ngoba lisafunda isikole kanti lihlala ngaphakathi esikoleni, libuya lize ekhaya uma kuyimpelasonto.
“Asisho ukuthi sithini kodwa akasiye umuntu okhonze izindawo zobumnandi futhi ngosuku abathi webe ngalo, wayelele,” kusho uNksz Mdletshe.
Uthe uphatheke kabi ngokuthunjwa kwendodana yakhe, ikakhulukazi ngoba incela ibele.
“Ubuthongo kabehli, ngithatha ngibeka ukuthi ingabe ikuphi ingane yami, incelani, igqokani, nenabukeni ilishintsha ngani,” kusho yena.
Uyise wosana, uMnuz Sfiso Duma, uthe akwehli ngisho nokudla ecabanga ukuthi ingabe ingane yakhe iphephile yini lapho ikhona.
“Ikhanda lami liphithene njengoba singatholi ngisho nomkhondo,” kusho uDuma.
Unxuse noma wubani ongaba nomkhondo ukuba athinte amaphoyisa ukuze kubuye ingane yakhe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, usiqinisekisile isigameko sokuthunjwa kosana nokwebiwa kweselula athe siyaphenywa.