KUQALE phansi isililo emndenini kufika abebezitshela ukuthi ushonile “ongcwatshwe” ngempelasonto.
UNksz Zandile Phungula (27) waseGreytown ushaqe abaningi ezifikela emini kabha kubo, ephila ngoLwesithathu.
Isolezwe lithole ukuthi kugcwale izinkumbi zabantu kubo bezombona njengoba bekuthiwa “uvuke ekufeni.”
Kunezinsolo zokuthi ubezihlalele esokeni lakhe kodwa uzichithile lezi zinsolo uNksz Phungula wathi ubehlezi nomunye umndeni eNsuze, owamsiza engenayo imali yokugoduka.
UNksz Phungula obesehlala nodadewabo kanina omdala uNkk Joyce Hlatshwayo benomyeni wakhe uMnuz Mceleni Hlatshwayo, eVryheid, kuthiwa waduka ngaphambi kwePhasika.
Kuthiwa washiya ingane yakhe enezinyanga eziyisithupha wahamba. Umndeni wakhe wambheka. Ngo-Ephreli 21 kwatholwa isidumbu sowesifazane eBlood River (eNcome).
UNkk Hlatshwayo nomyeni wakhe kuthiwa yibona ababona isidumbu sikamufi, bamenzela nesitifiketi sokushona.
Ngo-Ephreli 28 kube nomngcwabo, eGreytown.
NgoLwesithathu uNksz Phungula ufike kubo eGreytown, wathi ubezihlalele nesalukazi thizeni eNsuze.
Udadewabo omdala uNksz Tholakele Mbatha uthe namanje usadidekile ngokuthi kwenzeke kanjani ukuthi “bamngcwabe” kanti
uyaphila.
“Besithukile ngoba besingalindele ukuthi siphinde simbone. Bengisemsebenzini ngithintwa ngitshelwa ukuthi usefikile ekhaya futhi akazi lutho nangomngcwabo obukhona ngempelasonto. Simbuzile ukuthi uvelaphi, wathi ubehlezi nomunye ugogo angamazi eNsuze,” kusho uNksz Mbatha.
Uthe yize bekunomngcwabo kodwa abazange basibone isidumbu sikadadewabo.
“Umama omdala wafika nesidumbu ebusuku, wathi singasiboni ngoba sonakele kakhulu. Singcwabe ngoMgqibelo ngezikhathi zasekuseni ngoba sibalekela ukuthi angaze anuke kakhulu uma kuphuma ilanga. Nezinye izihlobo azizange zimbone ngaphandle kukamama omdala,” kusho uNksz Mbatha.
UNkk Hlatshwayo ethintwa yiSolezwe ukhihle isililo wathi yena wayezitshela ukuthi iyona ingane kadadewabo.
“Bese kunesikhathi ngimfuna elahlekile. Ngezwa ngesidumbu esitholwe emfuleni saya kobheka nomakhelwane. Safike sabona izimpahla azigqokile zifana nezakhe sabona sengathi uyena, nomakhelwane bafakaza ukuthi ngesakhe isidumbu. Ngithukile kuthiwa uyaphila,” kusho uNkk Hlatshwayo ekhala.
Umyeni kaNkk Hlatshwayo naye umfakazele ukuthi wabona ukuthi ngesikaNksz Phungula isidumbu esatholwa emfuleni.
UNksz Phungula wacelelwa ngosonhlalakahle ukuba ayohlala nonina omdala kusuka esanda kubeletha ngenxa yokuthi watholakala encelisa usana i-coke engenayo nempatho kahle enganeni.
UNksz Zodwa Mbatha ongudadewabo afikele kuye “umufi” uthe uvele waquleka ngenxa yokushaqeka.
UNksz Phungula ekhuluma neSolezwe izolo uthe ubezihlalele eNsuze esiza umndeni obumkhoselisile ngemisebenzi yasendlini.
Uthe uze wanikezwa imali yokubuyela kubo kuleli sonto.
“Bengingazi lutho ngomngcwabo. Bengizibuyela ekhaya, ngithukile kugcwele abantu bethi kade ngingcwatshwa. Ngijabule ukubuyela ekhaya,” kusho uNksz Phungula ehleka.
Basebenzise imali ecela kuR10 000 ukungcwaba isidumbu ngoba bebengenawo umasigcwabisane abomndeni.
NgoLwesine baye esiteshini saseGreytown beyobika ngalesi sigameko.
Inhloko yoMnyango wezaseKhaya eKZN, uMnuz Cyril Mncwabe ithe uma sekwenzeke isigameko esifana nalesi kumele kulandelwe uhlelo olude lokuqinisekisa ukuthi umuntu osebhalwe ngokuthi useshonile, uyaphila.
“Kuzomele lona obekuthiwa ushonile enze incwadi efungelwe, nalowo owamshayela isitifiketi sokushona. Kudingeka incwadi yokuhlola isidumbu kadokotela, kudingeka abamakhaza, amaphoyisa bonke bezoqinisekisa okwenzeka,” kusho uMncwabe.
Amaphoyisa athe kuyaphenywa ngalesi sigameko.