UZOHLINZEKWA ngosizo lokwelulekwa ngokwengqondo umndeni wakwaMemela, lapho kusocongwe amalungu angu-10 ngoLwesine ebusuku eMbali, eMgungundlovu.
Lokhu kuvezwe wokhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Mhlaba Memela. Uthe umnyango uzobambisana noMasipala waseMsunduzi kuze kufike usuku lomngcwabo.
Nakuba kubukeka sengathi kuqothwe imbokodo nesisekelo, akhona amalungu omndeni asasele. Elinye lawo nguMnuz Andile Memela obengekho ekhaya ngesikhathi sesigameko. Omunye osindile uManana Memela oneminyaka eyisikhombisa. Kuvela nokuthi akhona namanye amalungu asindile ebangekho ekhaya.
“Umnyango ujube osonhlalakahle ukuba baqinisekise ukuthi amalungu asindile awaphazamiseki kakhulu ngokwesimo somqondo. Siyakuthokozela ukubanjwa kwabesilisa ababili ababandakanyeka kulesi sigameko,” kusho uMemela.
Kwababulewe kulo mndeni ngoNkk Nobuhlalu Memela (64), indodana yekhaya, uMnuz Phumlani Memela, indodakazi uNksz Brenda Memela obulawe nezingane zakhe ezintathu okungu-Angie, Sphelele noNomfundo. Abanye ababulewe yintombi ebizithwele uNana (esingatholakalanga isibongo sakhe) noNompilo naye obeqome umfana wakwaMemela bese kuba uNkk Fikile Hlabisa obephila nokukhubazeka, engudadewabo wenhloko yekhaya esocongwe nyakenye.
Kwenzeka lesi sigameko nje, Isolezwe ngeSonto lithole ukuthi ukuqhuma kwesibhamu nokubulawa kwabantu yinto ejwayelekile kule ndawo.
Ngosuku olufanayo lwesigameko kunomunye owesilisa okuthiwa uhlaselwe kwakhe wadutshulwa, wabulawa. Isizathu sokusocongwa kwakhe kuthiwa asaziwa.
Kunomunye futhi okuthiwa ubulale intombi yakhe ngalo lolu suku olufanayo.