IZIKHALAZO zomphakathi waseMgcweni ku-ward-4 eCato Ridge zizwakele kubaphathi benkampani, iFrey’s Foods Brands, mayelana nephunga ebese belifanisa nelendle eliqhamuka edamini lale nkampani.
Ngokomphakathi, leli phunga selenze impilo yaba nzima kuwo. NgeSonto eledlule Isolezwe libike ukuthi umphakathi aweneme ngaleli damu, waphinde waveza ukuthi inkampani ayenzi lutho ukuxazulula isimo.
Umphathi omkhulu wale nkampani, uMnuz Adriaan Holthausen, uthe bayabazisa ubuhlobo abanawo nalo mphakathi.
“Sisanda kuthola izimpendulo mayelana nephunga elinukayo elingase liqhamuke kwi-Wastewater Plant yethu. Siyaqonda ukuthi ukunuka kwaleli phunga kunomthelela ezimpilweni zomphakathi waseMgcweni futhi siyaqinisekisa ukuthi sizosibhekisisa isizinda samanzi angcolile,” kusho u-Holthausen.
Uthe bazama ngakho konke okusemandleni ukubhekana nalesi simo.
“Siyazama ukwehlisa ukunuka ngamandla kwaleli phunga. Sihlanganile nabaholi bomphakathi neminyango kamasipala efanele ukuze sibazise ngesimo nangemizamo yethu eqhubekayo. Ithimba lethu lizibophezele ekuthatheni izinyathelo ezengeziwe ukuxazulula leli phunga. Sizoqhubeka nokusiqapha ngeso lokhozi isimo bese sinigcina ninolwazi ngenqubekela phambili yethu,” usho kanje.
Uqhube wathi ukuhlala ngokukhululeka komphakathi nempilo yawo kubalulekile kubo futhi bayabonga ukubekezela nokuqonda kwawo njengoba bezama ukulungisa isimo. Uphinde wathi uma zikhona ezinye izikhalazo noma imibono umphakathi onazo, babathinte ngqo ngoba ngokubambisana bangaqinisekisa ukuphepha nenhlalakahle enhle kuwo wonke umuntu.