UKHALA ngobudedengu bomtholampilo umndeni wowesifazane waseNtuzuma ongawanikwanga amaphilisi okusolwa ukuthi ukhuphukelwe umfutho wegazi washona.
UNksz Nkosingiphile Dlamini (61) waKwaMancinza utholwe endlini yakhe eshonile ekuseni ngoMgqibelo, kusolwa ukuthi ubekhushukelwe umfutho wegazi waphathwa yinzululwane wawa washona.
UMnuz Robert Simamane ohlala noNksz Dlamini uthe wahamba ekuseni ngabo-5 eya ePoly Clinic, ethi wenzela ukuthi abe seduze kulayini. “Uma eye emtholampilo uye asheshe abuye ngoba uyavuka. Kuze kwashaya isikhathi sokuthi ngiye emsebenzini ntambama engabuyi. Ngize ngamshayela ucingo ngibuza wathi usalindile, umabhalane uthe akalinde ngoba udukelwe yikhadi lakhe elincane elikhipha ifayela elinemininingwane yakhe. Ngihambe ngiye emsebenzini, ekuseni ngifike sekugcwele umphakathi kuthiwa babone engavuki kanti umuntu osheshayo ukuvuka ayaluze egcekeni. Ngigqekeze ngiphushe isicabha ngendluzula.”
Uqhube wathi kubonakala sengathi ubewasha, waba nenzululwane wawela endishini ebinamanzi abewasha ngayo ngoba ikhanda belisemanzini. “Ubeseshonile ngesikhathi ngifika. Ubewumuntu ongakwazi ukukhuluma kusho ukuthi imphathe kabi le nto kanti iBP yakhe ibiyinkinga uma yenyukile. Bekunenhlobo eyodwa yamaphilisi amancane abengasekho emaphilisini awaphuzayo.”
Uthe iyamxaka indaba yokuthi kuthiwe amaphilisi owakwakhe akawatholanga ngoba ifayela belingekho ngoba emithompilo kunamakhompyutha.
“Kanti amakhompyutha awani uma engakwazi ukusiza ngolwazi olulahlekile. Umabhalane ubengasakwazi ukuvula ikhompyutha ekubeni azi ukuthi ikhadi elincane liduke kuye? Nakho ukuthi kuthiwe akabuye ngoMsombuluko ubezofike athi uze kubani njengoba engatshelwanga ukuthi uma ebuya uzoya kubani njengoba engasenalo ikhadi? Bayaxaka abantu abasebenza ngomphakathi abangenalo uthando lwawo ngale ndlela.”
UNkk Buselaphi Cebekhulu umngani kamufi uthe yinto ejwayelekile ePoly ukuthi kuthiwe kuduke ikhadi kuthiwe isiguli asibuye ngakusasa. “Umngani wami ufike wangixoxela le nsambatheka yokuhlala emtholampilo usuku lonke maqede angalutholi usizo. Ubekhathazekile ethi akazi ukuthi uma esebuyela ePoly uzofike asizakale kanjani njengoba kwehluleke ngalo usuku okuduke ngalo ikhadi. Ubethi akalazi negama likamabhalane obemsiza.”
Inhloko ebambile yoMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natali, uDkt Musa Gumede, ithe: “UMnyango ufisa ukuqala ngokudlulisa amazwi enduduzo emndenini nezihlobo zabalahlekelwe. Ukudlula emhlabeni kwelungu lomndeni into ebuhlungu kakhulu.”
Uqhube wathi ifayela lalesi siguli elikulo mtholampilo liveza ukuthi isiguli sagcina ukuvakashela isikhungo esithintekayo ngoJulayi 4, 2018 nangoSepthemba 30, 2015 ukuzolanda imithi yezifo zamahlalakhona. Asikho isiqiniseko sokuthi isiguli safika ngalolo suku olushiwo iphephendaba.