ZIBHEKENE nempambankwici izihlobo zikathisha waseSishwili, oLundi, odutshulwe wabulawa kanye nentombi yakhe eHlobane, eVryheid, ngoMgqibelo odlule.
UMnuz Mndeni Zondo (38), kuthiwa ubulawe kanye nesinqandamathe sakhe esisha, naso ebesinguthishela, uNksz Sithabile Thwala kanti kwenzeka lesi siga nje uhlela ukuyolanda izinkomo zakhe alobola ngazo engodusweni asebehlukene nayo.
Lokhu sekudale ukuthi izihlobo zikaMnuz Zondo zibe nokushaya amakhala ngokuthi uze asocongwe kanye nentombi yakhe ngale ndlela ngaziphi izizathu.
Ngokusho kwesihlobo esicele ukungadalulwa, laba ababulewe balandwe abantu thizeni emzini kaZondo osendaweni yakwaShoba, khona eVryheid. Emva kwesikhathi batholwe sebethule emotweni kaZondo. UMiss Thwala ubenamanxeba amathathu okudutshulwa, uZondo enamanxeba amane.
Kubonakala sengathi ababulali bebehleli ezihlalweni zangemumva emotweni ngesikhathi bedubula ngoba kudubuleke nezihlalo zangaphambili abebehleli kuzo omufi.
“Udutshulwa nje ubezogoduka aye kubo oLundi, lapho abezovuka khona ngeSonto nabomndeni, bayolanda izinkomo ezalobola kubo kanina wengane naye onguthisha eGqikazi khona oLundi,” kusho isihlobo.
Ukushaya ungqimphothwe ngokufuna ilobolo kukaZondo, ngokusho kwesihlobo, kususwe ukunengeka kwakhe emva kokuthola ukuthi obeyingoduso yakhe wayemfihlele ukuthi ubenezingane ezimbili ezinye ayezithole ebudlelwaneni bakhe ngaphambi kokwazana noThisha uZondo.
Kuthiwa wazishaya zaphelela.
“Umufi wahambisa izinkomo ezingu-11 ngo-2018. Kuthe sekungu-2020, kwaba khona abamdonsela engxenye bembuza ukuthi uyazi yini ukuthi njengoba alobola ngezinkomo eziyishumi nanye nje, wayelobola umuntu osenezingane ezimbili kanti futhi wayeke walotsholwa kwenye indawo,” kusho isihlobo.
Siqhuba sithi lezi zindaba zamcasula kakhulu umufi, wathatha isinqumo sokubuqeda ubudlelwano nengoduso, ethi ngeke akwazi ukushada nomuntu omfihlele into enkulu kangaka.
“Wathi kusobala ukuthi uma ekwazi ukufihla ukuthi unezingane, amqole ngokumkhokhisa izinkomo eziphelele, kusobala kuningi okunye amfihlele kona,” kusho isihlobo.
Kuvele ukuthi abakubo kwengoduso bese bekuhlehlise kathathu ukulandwa kwamabheka, kudeze kuvela izaba.
“Kwenzeka lokhu nje, bese kuzoba ngokwesine, bezama ukuyolanda ilobolo,” kuchaza isihlobo.
Sibuye saveza nokuthi umufi ubesho ezihlotsheni, emndenini nakubangani ukuthi ingoduso iyamsongela.
“Ubesho ukuthi ifunga iyagomela ukuthi uma eyishiya, ngeke ivume bahlukane, kungamane kufe ofayo, esho nokusho ukuthi bangamane balahlekelwe bonke, ezisho yena kanjalo nentombi entsha,” kusho isihlobo.
Umndeni kaZondo ufuna ubulungiswa ngokuthi amaphoyisa aphenye aze afike ekujuleni kodaba khona bezothola izimpendulo eziphelele ngokubulawa kwalezi zithandani.
Umufi nalowo obeyingoduso yakhe banengane eneminyaka emithathu.
Isolezwe lithinta obeyingoduso ngalolu daba, kuthe uma ezwa ukuthi ufonelwa yiphephandaba waluvala ucingo. Kuthe uma ephinda efonelwa, ucingo bese lukhala luze luthule engalubambi.
Amaphoyisa abengakayiphenduli imibuzo athunyelelwe yona ngalolu daba.