UKHALA ngokudembesela kwamaphoyisa, umsolwa ecanasa, umndeni wowesifazane waKwaNdengezi, eThekwini, emva kokugwazwa yisoka lakhe emasontweni amathathu edlule.
Kuthiwa uNksz Nomfundo Pamela Khoza (26) wagwazwa umsolwa ngoNovemba 10 eMakatini, eDamini emzini womngani. Ushonele esibhedlela ngoLwesine.
Umamkhulu kamufi, uNksz Dudu Khoza, uthe ngesikhathi kwenzeka lesi sehlakalo lezi zithandani zazihleli nabangani.
Uthe zaxabana okungatheni, umsolwa wasuka wahamba.
“Abangani basala bamzamela indawo yokulala uNomfundo, okwathi eselele, umsolwa wafika, wamngena ngommese emgwaza,” kusho uNksz Khoza.
Uthe wamgwaza amanxeba amathathu ezindaweni ezibucayi, ngenhla kwebele langakwesobunxele, ngezansi kwalo nangemumva ohlangothini lwangakwesokudla.
Uveze ukuthi emva kokuthintwa abangani, baphuthuma endaweni yesigameko, bamyisa esibhedlela eMariannhill.
“Bamdlulisela eRK Khan bebona ubucayi besimo sakhe, bathi udinga ukuhlinzwa. Emva kokuhlinzwa waquleka kwaze kwaba uyadlula emhlabeni ngoLwesine,” kuchaza uNksz Khoza.
Uthe okubakhalisayo ukuthi umsolwa ngowasendaweni, kodwa namanje akaboshiwe.
“Uyabonakala ezihambela ngokukhululeka endaweni, afonelwe amaphoyisa, atshelwe ukuthi nangu kodwa ahudula izinyawo,” kusho uNksz Khoza.
Uthe sikhona nesitatimende emaphoyiseni, esabhalwa umngani, owabona umsolwa egwaza umufi.
“Okubuhlungu ukuthi silahlekelwe umntwana thina kodwa amaphoyisa awenzi lutho. Sifuna ubulungiswa,” usho kanje.
Uthe bakhathazwa nawukuthi angaqhubeka aphinde ahlasele nabanye njengoba aziwa njengomuntu oyingozi futhi onomlando wokuhlasela abantu.
Uqhube wathi ngisho nabakubo kamsolwa baya esibhedlela umufi esaphila, beyokhuza umhlola.
Umufi nomsolwa kuvela ukuthi bese kuphele unyaka bethandana.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe uma ebheka kwi-system yamaphoyisa, ubona kuvela ukuthi kuvulwe icala lokuzama ukubulala.