BASHO ngazwi linye osaziwayo baseThekwini ukuthi igcagcele esokeni ngokuvulwa kwegatsha elisha okungelesithathu lendawo yobumnandi, iMojo’s Carwash & Shisanyama.
Phambilini le ndawo ibiseMayville naseMount Royal kuphela njengoba sekuvulwa igatsha elisha eliseDavenport, eThekwini.
Umcimbi wokwethulwa kwaleli gatsha ubungoLwesine ngaphambi kokuthi kuvulelwe umphakathi ngoLwesihlanu.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto uZanele Khumalo oyimenenja futhi abe ngumpheki omkhulu, uthe ukuvulwa kwaleli gatsha bekuwukusabela ekhweleni lamakhasimende abo.
“Phambilini bekudingeka ukuthi amakhasimende ethu ahambe amabanga amade ukufinyelela kithina kodwa sesiwenzele izinto zaba lula ngokuwasondezela indawo yabo abayithandayo,” usho kanje.
Emcimbini wokwethulwa kwale ndawo bekugcwele osaziwayo namakhasimende amadala.
Eqhuba uZanele, uthe bekuhlezi kuyisifiso sabo ukuthi indawo yabo ingagcini emalokishini kodwa ibe nasezindaweni ezithathwa njengezomnta kabani.
“Kudaleke namathuba emisebenzi angu-40 njengoba silokhu sikhula,” kusho yena.
Phakathi kosaziwayo abebekhona kubalwa uDJ Sox, Bongs, Flymotion, Dladla Mshunqisi, Mondli Ngcobo, Ma kaChicken, Ayanda MC wodumo nabanye abaningi.
Abakhulume naleli phephandaba bathe bajabalela ukusondela kwendawo yabo, kanjalo nokuthuthuka kwebhizinisi lomuntu omnyama.
U-Ayanda uMC wodumo uthe kuyigxathu elikhulu okwenziwe ngabanikazi beMojo’s ngoba bazogwema nezinkinga zokuphuza abantu beshayela, ngokubasondezela le ndawo.
“Nathi noDJ abake baqashwe khona bazosizakala ngokuthi indawo iseduze futhi izokwandisa amathuba emisebenzi,” usho kanje.