USELE nenqwaba yemibuzo engenazimpendulo umndeni wowesilisa waKwaZiphethe, KwaNongoma, okuthiwa ufe ngokuzinquma intamo ngebhodlela ngoMgqibelo.
Isidumbu sikaMnuz Banele Mbhele (22) kuthiwa sitholwe sidindilizile endaweni yamabhasi eSikhaleni, eMpangeni.
Ngokusho kukamalume wakhe, uMnuz Hlupha Zulu, umufi okuthiwa ubenabangani abangodokotela, uthathane nabo KwaNongoma kwayiwa eSikhaleni.
“Elinye ilungu lomndeni lithole ucingo emuntwini othe uyiphoyisa, esazisa ngesigameko,” kusho uZulu.
Uthe ziningi izinto ezikhulunywayo ngokufa kukamshana wakhe ezenza basale nemibuzo.
Kuvela ukuthi babehleli kumnandi kuphuzwa notshwala ubusuku bonke.
“Sizwa kuthiwa uphumele emnyango entathakusa lapho bebehleli khona, ewumuntu oyochama wangabe esabuya, njengoba egcine etholwa edindilizile,” kusho uZulu.
Uthe okubaxakayo ukuthi umuntu uzibulala kanjani ngokuthi azinqume yena.
“Kithina leyo nto ayiwenzi umqondo,” kusho uZulu.
Uthe bezwe nokuthi bakhona abathi bambonile ephethe ibhodlela ezinquma, wabuza ukuthi kuthe uma bembona enza lokho, bangamnqanda ngani?.
Uqhube wathi okunye okubaxakayo ukuthi kubo bonke abangani abenabo, akasekho noyedwa osesondele kubo ukuzochaza ukuthi kwenzekeni.
“Indawo yaseSikhaleni akuyona eyangakubo, akayijwayele. Yini ebingamenza ukuthi aphume adwanguze kuyo ngokukhululeka?” kubuza uZulu.
Uphinde wabuza nokuthi bathule bathini bebona kuqhubeka isikhathi eside engasabuyi ekubeni ebebatshele ukuthi usayochama.
“Kuningi okushiya imibuzo lana,” usho kanje.
Uthe umufi ubesebenza enkampanini evala imigodi (potholes) emgwaqweni kodwa ezwana nabantu abangodokotela.
UZulu uthe bona udokotela abamazi kahle oqashe endaweni (KwaZiphethe).
Uthe naye akakaze avele kubona bewumndeni, wathi abakuzwayo ukuthi uyise (kaDkt oqashile) oze wabikela amaphoyisa ngesigameko.
“Yini eholele ekutheni labo abenabo, kungabi yibo ababikela amaphoyisa? Yini edale ukuthi basabe ukuziyela bona emaphoyiseni?” usho kanje.
Uthe bathole ukuthi ngesikhathi kusukwa KwaNongoma kubhekwe eSikhaleni, bekuhanjwa ngemoto eyodwa, okuhlale kutetemukwa ngayo uma abangani behamba izindlela zabo.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakayiphenduli imibuzo ngalolu daba. Kuvela ukuthi kunodokotela abayiqembu elaziwayo eZululand abajwayele ukuhlangana bazijabulise ngamaphathi ezindaweni ezehlukene.