USOLA isandla semfene umndeni womfanyana waseMkhazana, oLundi, onyamalale ngoLwesihlanu, kwagcina kutholwa isidumbu sakhe ethoyilethi lomgodi ngeSonto.
Kuthiwa isidumbu sikaLisulenkosi Lamola (2) sitholwe yisihlobo ethoyilethi elingasasebenzi sekuphele izinsuku ezimbili ecingwa kulona (ithoyilethi) kanjalo nakwamanye omakhelwane.
Elandisa ngesigameko umamkhulu wakhe, uNksz Nontobeko Lamula, uthe behlelwa umshophi nje, bekunomcimbi wokukhumbula umkhulu wakuleli khaya obuwenziwe ngoMgqibelo.
“ULisulenkosi ulahleka nje ubefike nonina ngoLwesihlanu, besuka kwesinye isigodi esiseduze, behambele umcimbi obuyizolo (esho ngoMgqibelo),” kusho uNksz Lamula.
Uqhube wathi unina kamufi ubefike naye (umufi) ngabo-3 ntambama, waba matasa nomsebenzi wasekhaya, ngesikhathi uLisulenkosi ezidlalela ngaphandle.
Uthe basola ukuthi umufi ulandele esinye isihlobo ebesiye komunye umuzi endaweni ukuyolanda okuthile.
“Asazi ukuthi kwenzekeni ngoba kuphele imizuzwana, unina waqaphela ukuthi akamboni, waphuma wambheka egcekeni, kwacaca ukuthi akekho,” kusho yena.
Uqhube wathi bazitshele ukuthi isihlobo sizobuya naye kodwa sabuya sizihambela sodwa.
“Ilapho ke okuqalwe khona kwabhekwa kabanzi, sekucaca ukuthi ingane ilahlekile,” usho kanje.
Uveze ukuthi ngesikhathi becinga, bebegxila kuwo amathoyilethi omgodi belekelelwa wumphakathi.
Uthe emva kokubuya inqina kamabuyaze, babikele amaphoyisa.
Uveze ukuthi ngoMgqibelo ngesikhathi beqhubeka nokucinga ukhona umuntu wendawo obatshele ukuthi uke wambona kancane uLisulenkosi ethi pheshe ngakwakhe, kodwa wangamnaka.
“Siyakholwa ukuthi ubebona yena ngempela ngoba uze washo nokuthi ubegqokeni. Okusixakayo ukuthi uma ebesehambe ibanga elingako, ubengeke esakwazi ukuzibuyela, ikakhulukazi ngoba leyo ndlela idlula ngasemhosheni,” kubeka uNksz Lamula.
Uthe okubashiya nemibuzo ukuthi leli thoyilethi atholwe kulo umufi ilo leli ebebeqale kulo ukucinga, bangamthola.
Echaza ngokutholakala kwakhe izolo, uthe isohlobo ebesithi siya ethoyilethi, esiqaphele ukuthi kukhona okusolisayo emgodini.
“Sibize umndeni ukuthi uzosibukisa, wazithela kuyo ingane ilele ibheke phezulu, isishonile,” kusho uNksz Lamula.
Ubalule ukuthi indlela okwakheke ngayo indawo yokuhlala ethoyilethi, yikho okwenza bashaye amakhala.
“ULisulenkosi uyingane enomzimba, ubengeke aphoseke kuleya ndawo yokuhlala ethoyilethi ngoba incane. Ngokwethu, uphoswe umuntu,” kusho yena.
Ikhansela lendawo, uMnuz Mpolompolo Khanyile, lithe umphakathi otheleke endaweni yesigameko izolo, usashaqekile.
“Sesiyekele konke ezandleni zamaphoyisa. Uphenyo lwawo kanjalo nokuhlolwa kwesidumbu okufanele kusiphendulele imibuzo yokuthi ishone ngokuphoseka ethoyilethi noma ibulewe yase iphoswa” kusho uKhanyile.
USotswebhu weNFP eZululand, uMnuz Siphamandla Ntombela, uthe akwenziwe uphenyo olunzulu ukuze umndeni uthobeke amanxeba.
“Ukuze kwazeke ukuthi iphosekile noma iphosiwe. Sinxusa nomasipala ukuthi ulekelele ukuvala imigodi yamathoyilethi amadala ukugwema izigameko ezifana nalezi,” kusho uNtombela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo uqinisekise ukuthi amaphoyisa asoLundi avule idokodo lokufa komuntu ukuze liphenywe kulandela isigameko lapho ingane (2) itholwe isishonile ethoyilethi lomgodi, izolo.