KUBE UBUMAYE besaphaza indle kwamasipala abantu abebefuna ngodli ukukhokhelwa ngomsebenzi ababewenze ngaphambi konyaka u-2019.
NgoLwesine ekuseni laba bantu kuthiwa babhunyele itshe lentaba emahhovisi engamele imali kaMasipala waseThekwini befuna ukukhokhelwa.
Bese bebuya okwesibili esontweni elilodwa njengoba ngoLwesibili bevimbanise ngendle abayisaphaze emahhovisi kamasipala ezaManzi neNhlanzeko asedolobheni.
Omunye wabasebenzi emahhovisi amanzi, ongathandanga kudalulwe igama lakhe, uthe kuphoqeleke ukuthi babuyele emakhaya ngenxa yephunga lendle elalivimbanise yonke indawo.
Udalule ukuthi laba bantu bafika beyiphethe ngezigubhu nangamabhakede indle bangabuza mpilo bafike bayichitha phambi kwabo besebenza .
Kuthiwa bafuna imali, yomsebenzi wokulungisa amathoyilethi angamakhonteyna aluhlaza okwesibhakabhaka ezindaweni ezakhele umasipala.
Abaqali ukuzwakalisa ilaka labo ngale ndlela kwazise eminyakeni edlule benza okufanayo.
UMnuz Ednick Msweli, oyinhloko yoMnyango waManzi neNhlanzeko kulo masipala, uthe kube buhlungu kusaphazwa indle endaweni abasebenzela kuyona.
Udalule ukuthi ababalekile, bayahlangana nalaba bantu bakhulume ngaso sonke isikhathi futhi ikhona imali asebeke bayikhokha.
“Akubi mnandi ukuthi nithi nixoxisana ngapha, kolunye uhlangothi kwenzeke into efana nalena. Udaba siyalwazi futhi asilubalekeli. Besilindele ukuthi sizolokhu sikhuluma size siluphothule,” kusho uMsweli.
Uthe kulikhuni ukusho ukuthi yimalini efunwa yilaba bantu ngoba lokho kungesinye sezizathu esidala kube nokubambezeleka ekukhokheni ngoba kusamele iqale iqinisekiswe.
Uveze nokuthi kunabantu umasipala owabaqasha ukuthi bahlwaye ulwazi baqinisekise yonke into ngalolu daba.
“Sizimisele ukuthi igcine ixazululekile le ndaba. Kukhokhelwane uma kukhokhelwana. Sibabuyisele emakhaya abasebenzi isanda kwenzeka le nto yokuchithwa kwendle emahhovisi kodwa namhlanje (esho izolo) kuyasetshenzwa,” kusho uMsweli.
Uveze ukuthi izolo laba bantu baye emahhovisi engamele imali kamasipala benza okufanayo.
Uthe luyinzukazikeyi udaba lwabo ngoba kukhona kubona abasebenza bengagunyaziwe, bengacelwanga umasipala ukuthi basebenze.
Uthe inkinga ekhona njengamanje ukuthi umkhandlu usahlabe ikhefu, umhlangano olandelayo wamakhansela usekupheleni kukaJanuwari 2024.