AQHINQE ngaphandle kweDurban City Hall amalungu eLiberation Struggle War Veterans, abefuna ngodli ukuba nomhlangano ophuthumayo neMeya yeTheku uMnuz Mxolisi Kaunda izolo.
Amalungu ale nhlangano angaphansi kwesifundazwe iKwaZulu-Natal abephume ngobuningi bawo, phakathi kwawo kukhona nabedlubhe umfaniswano wamasosha.
UMxhumanisi wale nhlangano ezingeni likazwelonke uMnuz Lwazi Mzobe ukhale ngokushaywa kwabo indiva nguhulumeni.
Uveze ukuthi kusukela ngo-2021, sekuze kwaba kathathu behambisa uhlu lwezikhalo zabo kuKaunda kodwa kuthule kuthi cwaka.
“Sasicelile ukuthi umasipala wenze uhlelo lokuthi sibhekeleleke. Alukho uhlelo olukhona kusukela kuhulumeni kazwelonke kuze kuzofika emazingeni aphansi ukuthi bakwazi ukuthi sibhekeleleke,” kusho uMzobe.
Uthe zonke lezi zikhawu behambisa uhlu lwezikhalo zabo, uKaunda ubeye athembise ukuthi uzolusukumela udaba lwabo.
Ukhale ngokuthi iyabekwa imithetho egunyaza ukuthi bacatshangelwe nabo emihlomulweni kahulumeni kodwa uma sekufanele kwenzeke, kugcine kungenzekanga lutho.
“Sifuna ukuthi asichazele ukuthi zingaki izinkampani zamalungu ethu esezike zahlomula ngoba siyezwa uma bekhuluma, bathi kuningi abakwenzayo kodwa thina asikaze sikubone,” kusho uMzobe.
Uthe basola ukuthi umasipala sewaze wakhohlwa nokuthi bake bagqigqa emahhovisi awo beletha uhlu lwezikhalo, yikho bethi ake bazobakhumbuza.
“Indlela abenza ngayo ikhombisa ukuthi banenkani, abanandaba nathi futhi abasikhathalele,” kusho yena.
Phakathi kwezikhalo zabo uthe badinga izindlu ngoba iningi labo lihlala emijondolo noma emakubo ekubeni sebebadala ngendlela yokuthi sekufanele ngabe banezindawo zabo zokuhlala.
“Imisebenzi ayikho, abantu abasebenzi, abanye bethu sebebadala ngendlela yokuthi sebeyabona ukuthi ukuqashwa ngeke kusabasebenzela, kungcono uhulumeni asilekelele siphembe amabhizinisi athile,” kusho yena.
Uthe babona sengathi yibona bodwa abakhishwa inyumbazana kwazise abantu abaphila nokukhubazeka, izaguga nabantu abasha ikhona imihlomulo eqondene nabo.
Amaphoyisa abephume ngezinkani, ezungeze iCity Hall eqaphe amalungu ale nhlangano nawo abekade eyizungezile.
Okhulumela imeya uKaunda uMnuz Mluleki Mntungwa, uthe uzobuyela entathelini nempendulo ngalolu daba, kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela engakaphenduli.