UNGASE uyiswe enkantolo ngodaba lwendle egcina isikapakela olwandle uMasipala weTheku njengoba i-Action SA ithumele izincwadi zabameli eziphoqa umasipala ukuba alungise ingqalasizinda.
Umholi we-Action SA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, uthe banike uMasipala weTheku izinsuku eziwu-14 ukuba ulungise udaba lwendle ekapakela olwandle, ngoba kuyingozi empilweni yabantu nasemnothweni weTheku.
Uthe izinsuku eziwu-14 ziphela ngoLwesine, kuzothi uma umasipala ungathathanga izinyathelo babe sebefaka amaphepha enkantolo ngoLwesihlanu.
Uthe ukuvalwa kwamabhishi ngenxa yokuthi indle ichitheka olwandle, bese kuba negciwane elibizwa nge-e-coli kuyinkinga kubantu nasemnothweni weTheku.
Ubalule ukuthi inkinga yokukapaka kwendle idalwa yingqalasizinda osekuphele iminyaka ingalungiswa, yase yonakala kakhulu ngesikhathi sezikhukhula.
“Amabhishi aseThekwiniayindawo yokuzithokozisa yabo bonke abantu baseNingizimu Afrika. Ukuvalwa kwawo akuyona into enhle.
“Isigaba 152 soMthethosisekelo sithi uhulumeni kufanele enze isimo esivumela ukuthuthukiswa komnotho nendawo ephephile yokuphila abantu.
Akukwazi ukuthi kusukela ngo-Ephreli kuze kubemanje sisenenkinga yendle ekapakela olwandle. Uma kunezikhukhula umasipala uyakwazi ukuhlela kabusha izimali zakhe ukuze asukumele ukulungiswa kwengqalasizinda nezinye izimo eziphuthumayo,” kusho uMncwango.
Uthe uma amabhishi eqhubeka nokuvalwa, kusho ukushayeka komnotho njengoba kuzoqala amaholidi kaKhisimusi izivakashi zibekisa izindawo ngobuningi ukuhlala emahhotela agudle ulwandle.
Akuyona i-Action SA kuphela ehlela ukuyisa umasipala enkantolo njengoba neDA ithe izoluhambisa enkantolo udaba.
UMasipala weTheku uye uvale amabhishi uma uthole ukuthi liphezulu izinga le-e-coli. Lokhu uthi usuke ukwenze ngenhloso yokuphephisa impilo yabantu. Kusuke kungavunyelwe nokuthi kudotshwe.
IPhini leMeya yeTheku, uMnuz Philani Mavundla,livumile ukuthi ingqalasizinda yeTheku indala kodwa kuningi okwenziwayo ukukhuculula ukungcola edolobheni.