BABHUQUZA emakhaya abafundi ababili bakaGrade 10 esikoleni eMuzikawuthandwa High eMtulwa, kuMasipala waseMshwathi, okuthi wabaxoshwe wuthishanhloko sebezobhala izivivinyo zokuphela konyaka besolwa ngokulova.
Obhekele laba bafundi esiligodlile igama lakhe, uthe bekumele baqale ukubhala izivivinyo zokuphela konyaka ngoMsombuluko owedlule kodwa babuyiselwa emakhaya kwathiwa ababuye nabazali.
Uthe ngesikhathi beya esikoleni kuthiwe umfundi oyedwa angabe esazihlupha ngokubuya kulesi sikole, omunye kwathiwa akayohlala ekhaya aze abuye ngonyaka ozayo.
Uveze ukuthi uthishomkhulu uthe akaboni ukuthi bazophasa ngoba bebengalubhadi unyaka wonke esikoleni.
Uthe lokhu kubathuse kakhulu ngoba akukaze kube khona nowodwa umbiko obheke kubazali othi izingane kazizi esikoleni.
“Unyaka wonke bathulile bangasho lutho ngezingane, kuzothi sekumele kubhalwe izivivinyo zokuphela konyaka bazothi izingane bayazimisa.
"Isicelo sami wukuthi izingane azivunyelwe zibhale izivivinyo uma kuwuthi uyaphikisana naso bengingafisa ukuvula icala ngoba kukho konke lokhu abukho ubulungiswa.”
Isikhulu somyango esingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba sithe sikhulumile nothishomkhulu ngodabalo mfundi oyedwa, sithe ubike ukuthi ingane ibingasezi esikoleni ,iqhamuka manje isithi izobhala. Uthe usalinde umbiko ogcwele ozovela esikoleni.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo kwaZulu-Natal uMnz Sihle Mlotshwa, uthe basacele umnyango ezingeni lesifunda ukuthi ubanikeze umbiko mayelana nalolu daba oluphazamisayo.