UKULINGISA emidlalweni yeshashalazi isikhathi eside kwenze umlingisi osanda kubonakala emdlalweni iSibongile and The Dlaminis, wabhekana nezinselelo akholwa wukuthi zimqinise ukhakhayi.
Lowo nguNqobile Masondo, oqale ukubonakala elingisa indawo kaThabile, emdlalweni weSibongile and the Dlaminis, odlala ngoMsombuluko kuya kuLwesithathu ngo-6.30 ebusuku.
Elandisa Isolezwe Ngempelasonto ngohambo lwakhe, uNqobile (26) waKwaMashu, uthe inselelo abhekane nayo wukuthi uma kuqoshwa umdlalo wethelevishini siba sincane kakhulu isikhathi sokuzilungiselela, okuphoqa ukuthi usebenze ngokuzikhandla futhi usheshe ukuze kulunge.
“Nokuthi bengibhekene nenselelo yokwenza kahle ngoba isikhathi esiningi bengisebenza nomunye wabalingisi abaqavile kuwona (esho Vuyo Biyela - odlala indawo kaKwenzo Dlamini), okudingeke ukuthi ngiqikelele ukwenza into yamehlo ukuze indaba esiyixoxayo yamukeleke kahle kubabukeli. Ngiyakhumbula ngenkathi ngiqopha ngoNovemba, bengisasebenza futhi kowoMkhokha, okwenze ngabhekana nomsebenzi omningi obudinga ukuthi ngigxilise umqondo wami kuwona, engicabanga ukuthi kuzosiza ukuqinisa ukhakhayi kusukela manje,” kusho uNqobile.
Eqhuba, udalule ukuthi njengoba sebeqedile ukuqopha kwiSibongile, uyaqhubeka nokuhlwaya intuba yamanye amathuba kwezokulingisa, akholwa wukuthi umsebenzi asewenzile uzosiza ukuvula eminye iminyango manje.
Uthe kumanje ukwi-Top 40 yomncintiswano obizwa nge-Afrika Monologue Challenge, lapho atholene phezulu nabalingisi basemazweni ase-Afrika. Uthi kuzothi uma sekusele abawu-10 bokugcina, bayoqhudelana ngokulingisa e-Ivory Coast, maphakathi noma ekupheleni kwalo nyaka.
“Ngale kwalokho, kukhona enye ifilimu engizobonakala ngilingisa kuyona maduze nje, engisebenze noVuyo (Biyela) futhi kuyona, ngifisa ivule iminyango endimeni,” usho kanje.
Le ntokazi, ekhule ithanda ezobuciko nokulingisa, iqale yaqeqeshelwa lo mkhakha unyaka owodwa e-AFDA ngo-2017, yasuka lapho yaqhubekela eCreative Arts College, naseKCAP.