NKOSIKHONA CELE
BASALE bekhungathekile abebesenkonzweni ngesikhathi kutheleka amadoda angaziwa ngosuku lomngcwabo, ezifihle ubuso, afike avula ibhokisi ase eyaxolisa maqede ashaya achitha.
Ngalolu suku, ngokuthola kweSolezwe Ngempelasonto, bekufihlwa uMnuz Zakhele Dube (40), obenamatekisi amabili. Inkonzo yomngcwabo ibisemagcekeni kubo kamufi eXobho.
Umufi kuvela ukuthi uxinwe ukugula isikhathi esifishane ekhala ngekhanda kwase kuyamenela njalo.
Unina kamufi uNkk Nomalanga Dube, utshele Isolezwe Ngempelasonto ukuthi inkanankana yoqobo into ayibone yenzeka kufihlwa indodana yakhe.
Uma elandisa, uthi inkonzo yomgcwabo ibisinesikhashana impela iqalile ngesikhathi bebona itekisi elibomvu lima egcekeni, kwase kwehla abesilisa abane. Uthe bebephethe izibhamu kodwa kubonakala ukuthi abezile ngempi.
"Behle etekisini beshesha ngaleso sikhathi bekusaculwa. Bangene baqonda ebhokisini bamisa nokucula. Baxolisa nakubazalwane ngokuphazamisa inkonzo. Bavule ibhokisi baxolisa kumntanani,'' balivala base bayaphuma bahamba.
Eqhuba uthe akuqaphelile kula madoda ukuthi abeyizidlakela wathi kodwa namanje kusaduma ikhanda kuyena ukuthi bahlangana kanjani nendodana yakhe.
Uthe indodana yakhe ibingesiyena umuntu wodlame kodwa ibithanda ukuthi kube nokuthula noma yikuphi lapho eqhamuka khona.
Uthi ukushona kwendodana yakhe kumlimazile kakhulu emphefumulweni wakhe ngoba ubesenhliziyweni yakhe kakhulu.
"Uyena yedwa ingane yomfana ebenginayo, ayikho futhi enye. Laba banye abathathu bangamantombazane,'' usho kanjena unina.
Udadewabo kamufi uNksz Slindile Dube, uveze ukuthi ubhuti wakhe ushona nje, ngonyaka owedlule uke wathunyelelwa imiyalezo kwiselula yakhe ngenombolo engaziwa, esatshiswa.
"Wangitshengisa umyalezo wokuqala owawuthi uma engayiyeki le nto ayenzayo uzohamba emhlabeni. Owesibili awuthola wawumazisa ukuthi usezohamba emhlabeni ngoba kanti unekhanda eliqinile,'' usho kanjena.
Uthi wambuza umfowabo ukuthi kwenzakalani? Kodwa uthi akazange ayithole impendulo eqondile kuyena. Uqhuba uthi umufi wamphendula ngokuthi akwaziyo asikho isitha anaso, naye udunguza ebumnyameni.
Uqhuba uthi ngenxa yokudideka lolu daba ugcine eselubuza omunye wabangani bakamufi ukuthi kukhona yini akwaziyo ngabathile abahlela itulo lokusoconga umfowabo.
''Bamangala kakhulu uma ngibabuza ngalokho, kunalokho bathi umfowethu akakaze abazise ngokuthi uthola imiyalezo emsabisayo,'' usho kanjena.
Uthe kodwa ukufika kwamadoda kubashiye nemibuzo engenazimpendulo.
UMfundisi Zakhele Xulu obephethe inkonzo, uthe akathandi ukuphawula kakhulu ngodaba kodwa wathi akubonile kwenzeka, uyokuxoxela amagwababa echobana ngoba ukholwa ukuthi ukhona umyalezo la madoda abewudlulisa.