USAZIWAYO wodumo kwiReal Housewives of Durban(RHOD), uNonkanyiso “LaConco” Conco, usola ingcindezi yabezindaba, osopolitiki nomndeni wakwaZuma njengezizathu zogqabuka kwegoda phakathi kwakhe nowayengumengameli waseNingizimu Afrika, uMnuz Jacob Zuma.
Ekhuluma kwi-YouTube Channel yakhe, iTimeline with LaConco, uthe emuva kokuzalwa kwendodana yabo, uSakhumuzi ngo-Ephreli 12, 2018, kwaba nezinguquko ebudlelwaneni babo.
“Ngayibona ingcindezi yezwe, ngayibona ingcindezi yezwe. Ngayibona ingcindezi yepolitiki neyomndeni. Ngayibona ingcindezi kuye ukuthi ubhekene nokuningi ngoba ngezwa ngandlebenye ukuthi wabhekana nobunzima. Akakaze asho lutho kimi. Ngisho nami ngathukwa,” kusho uLaConco.
Uthe emuva kokuvela kodaba, uZuma wagcina engasamnaki, wavele wayeka ukumfonela nokondla ingane.
Eqhuba uthe akavelanga nje wayeka kodwa waqala ngokulokhu embona emuva kwezinyanga, neminyaka. Uthe wake wazama ukuxhumana nomunye wamakhosikazi kaZuma kodwa wavele wathethiswa, kwathiwa uyaqina ngoba akakwazi ukufonela unkosikazi ekubeni eyikhwapha.
“Ezinye izingane zakubo kaSakhi (indodana yabo) uzazi ezithombeni kuphela.”
Uthe usebonile manje ukuthi wayengadalelwe ukuphila impilo yangunaphakade noZuma.
“Njengoba sesiphila izimpilo ezehlukene sengiyabona ukuthi sasingabantu abaqhelelene. Sengibuka yena, ngibuke mina, sihlukene kakhulu. Angazi kwenzeka kanjani ngoba kwakungafanele sigcine sesithandana.”
Uthe akasathandani noZuma kodwa sebehlanganiswe yingane. Uthe bese kuphele iminyaka emihlanu uZuma agcina ukubona indodana yakhe. Eqhuba uthe akasamthandi uZuma kodwa ufuna ingane ibe nobudlelwano naye.
"Ubudlelwano bezothando noma inhlansi yokuba sothandweni noJZ yacisha kudala kabi. (Ngakho) ngiyamhlonipha ngoba wake wangikhombisa uthando lwangempela..."
Uthe waqala wathandana noZuma iminyaka emihlanu kusukela ngo-2011, bengakaze balale kwaze kwaba uZuma uyamlobola.
Uthe kwaze kwaba bathembisana umshado ngaphambi kokumnikeza ubuntombi bakhe, okwathi ngo-2017 wakhulelwa indodana uSakhumuzi, ambeletha ngo-Ephreli.
Emuva kweminyaka emine igoda lagqabuka ngo-2020. Wadalula ukuthi uZuma wanyamala unomphela okwamphoqa ukuba ingane ayikhulise nonina.